uJobe 19:1-29
19 UJobe waphendula wathi:
2 “Kuyoze kube nini ningicasula, *+Ningichoboza ngamazwi? +
3 Sekuyizikhathi eziyishumi ningisola;*Aninamahloni ngokuthi ningiphatha ngokhahlo. +
4 Uma kuwukuthi ngilenzile ngempela iphutha,Iphutha lami liyohlale lingelami.
5 Uma niqhubeka nokungibukela phansi,Nithi isihlamba sami singifanele,
6 Yazini ukuthi nguNkulunkulu ongidukisile,Ungibambe ngenethi lakhe lokuzingela.
7 Bhekani! Ngilokhu ngikhale njalo, ngithi, ‘Ubudlova!’ kodwa angitholi mpendulo; +Ngilokhu ngikhalela usizo, kodwa abukho ubulungisa. +
8 Indlela yami uyivimbe ngodonga lwamatshe, angikwazi ukudlula;Umboze izindlela zami ngobumnyama. +
9 Ungiphuce inkazimulo yami,Wasusa umqhele ekhanda lami.
10 Ungichoboza nxazonke ngize ngishabalale;Ithemba lami ulisiphula njengesihlahla.
11 Intukuthelo yakhe iyangivuthela,Ungibheka njengesitha sakhe. +
12 Amabutho akhe ayahlangana angivimbezele,Amise amatende azungeze itende lami.
13 Abafowethu ubaxoshile wabayisa kude nami,Nabangaziyo bangifulathele. +
14 Abangane bami abakhulu* abasekho,Nalabo ebengibazi kahle bangikhohliwe. +
15 Izivakashi emzini wami + nezigqilakazi zami zingibheka njengomuntu oyisihambi;Ngiyisifiki emehlweni azo.
16 Ngibiza inceku yami, kodwa ayiphenduli;Ngomlomo wami ngiyincenga ukuba ingibonise uzwela.
17 Umoya wami usuyenyanyeka kumkami, +Futhi ngiyiphunga elibi kubafowethu.
18 Ngisho nezingane ezincane azinginaki;Uma ngisukuma, ziyangidelela.
19 Ngiyanengeka kubo bonke abangane bami abakhulu, +Nalabo ebengibathanda bangijikele. +
20 Amathambo ami anamathela esikhunjeni nasenyameni yami, +Ngisinde sengibangwa nezibi.
21 Ngiboniseni umusa bangane bami, ngiboniseni umusa,Ngoba isandla sikaNkulunkulu uqobo singithintile. +
22 Kungani niqhubeka ningishushisa njengoba kwenza uNkulunkulu, +Ningayeki ukungihlasela? +
23 Ukube nje amazwi ami abebhalwe phansi,Ukube abengabhalwa encwadini!
24 Ukube nje abeqoshwe edwaleni kuze kube phakade,Ngothi lokuloba lwensimbi nangomthofu!
25 Ngoba ngazi kahle ukuthi umkhululi *+ wami uyaphila;Uzoza kamuva, aphakame phezu komhlaba.
26 Ngemva kokuba isikhumba sami sesivithikile,Ngiyombona uNkulunkulu ngisaphila,
27 Lowo engiyozibonela yena mathupha,Lowo amehlo ami uqobo ayombona, hhayi awomunye umuntu. +
Kodwa ngaphakathi ekujuleni kimi ngiphela amandla.*
28 Ngoba nina nithi, ‘Simshushisa kanjani?’ +
Njengokungathi yimina umnyombo wenkinga.
29 Yesabeni inkemba, +Ngoba inkemba iletha isijeziso ngenxa yeziphambeko;Kufanele nazi ukuthi ukhona umahluleli.” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “nicasula umphefumulo wami.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “ningithuka.”
^ Noma, “Izihlobo zami.”
^ Noma, “umhlengi.”
^ Noma, “Izinso zami ziyekile ukusebenza.”