uJobe 21:1-34
21 UJobe waphendula wathi:
2 “Kulalelisiseni lokhu engikushoyo;Lokhu makube induduzo eninginika yona.
3 Ngibekezeleleni lapho ngisakhuluma;Uma sengiqedile seningangenza-ke inhlekisa. +
4 Ingabe ngikhalaza kumuntu?
Ukube bekunjalo, bengingeke* yini ngiphelelwe isineke?
5 Ngibukeni, ningigqolozele nimangele;Nibeke isandla senu emlonyeni.
6 Uma ngicabanga ngakho ngiyaphazamiseka,Wonke umzimba wami uyaqhaqhazela.*
7 Kungani ababi bephila isikhathi eside, +Bekhula baze baguge futhi beba izicebi? *+
8 Izingane zabo zihlale zinabo,Bathola nethuba lokubona inzalo yezingane zabo.
9 Izindlu zabo ziphephile, abesabi lutho, +NoNkulunkulu akabajezisi ngenduku yakhe.
10 Izinkunzi zabo zimithisa njalo;Izinkomazi zabo ziyazala, aziphunzi.*
11 Abafanyana babo batshakadula ngaphandle njengomhlambi,Nezingane zabo ziyagxumagxuma.
12 Lapho becula kudlala ithamborini nehabhu,Bajatshuliswa umsindo womtshingo. *+
13 Baphila ngokwaneliseka,Baye eThuneni* ngokuthula.*
14 Kodwa bathi kuNkulunkulu weqiniso, ‘Hlukana nathi!
Asifuni ukuzazi izindlela zakho. +
15 Ungubani uMninimandla Onke ukuba simkhonze? +
Kuzosisiza ngani ukusondela kuye?’ +
16 Kodwa ngiyazi ukuthi ukuchuma kwabo akukho emandleni abo. +
Indlela ababi abacabanga ngayo* ikude nami. +
17 Kukangaki isibani sababi sicinywa? +
Kukangaki behlelwa inhlekelele?
Kukangaki uNkulunkulu ebabhubhisa ngolaka lwakhe?
18 Kuke kwenzeke yini babe njengotshani endaweni enomoya,Nanjengamakhoba apheshulwa isivunguvungu?
19 Isijeziso somuntu uNkulunkulu uyosigcinela amadodana akhe.
Kodwa kwangathi uNkulunkulu angamjezisa* naye ukuze asizwe. +
20 Kwangathi amehlo akhe angakubona ukuwohloka kwakhe,Futhi kwangathi kungaba nguye ophuza olakeni loMninimandla Onke. +
21 Ngoba unandabani nokwenzeka emndenini wakhe ngemva kwakhe,Uma izinyanga zakhe sezincishisiwe? *+
22 Uma kunguNkulunkulu owahlulela abaphakeme, +Ubani ongafundisa uNkulunkulu? +
23 Umuntu oyedwa ufa enobungqabavu +Lapho engasenazo ngokuphelele izinkathazo futhi ekhululekile, +
24 Lapho amathanga akhe egcwele amanoniFuthi enamathambo aqinile.*
25 Kodwa omunye umuntu ufa ecindezeleke kakhulu,Engakaze azinambithe izinto ezinhle.
26 Bobabili bayolala othulini, +Izimpethu ziyobamboza bobabili. +
27 Ngizazi kahle izinto enizicabangayoNamacebo enihlela ukungiphambukisa ngawo. *+
28 Ngoba nithi, ‘Iphi indlu yoyisicukuthwane,Liphi itende okwakuhlala kulo omubi?’ +
29 Anizibuzanga yini izihambi?
Anizihlolisisi yini izinto* ezizibonile,
30 Ukuthi umuntu omubi uyavikelwa ngosuku lwenhlekelele,Asindiswe ngosuku lwentukuthelo?
31 Ubani oyombuza ngezindlela zakhe,Ubani oyombuyisela ngalokho akwenzile?
32 Lapho eyiswa emathuneni,Ithuna lakhe liyoqashwa.
33 Amagabade omhlabathi wesigodi* ayoba mtoti kuye, +Futhi sonke isintu siyamlandela *+Njengabaningi abangaphambi kwakhe.
34 Pho kungani ningiduduza ngeze? +
Izimpendulo zenu zigcwele inkohliso!”
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “umoya wami ubungeke.”
^ Noma, “uyathuthumela.”
^ Noma, “beba namandla.”
^ Noma, “azifelwa amankonyane.”
^ Noma, “wegemfe.”
^ Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “ngomzuzwana,” okuwukuthi, ukufa okusheshayo nokungenabuhlungu.
^ Noma, “Iseluleko sababi; Amacebo ababi.”
^ Noma, “angambuyisela.”
^ Noma, “sezihlukaniswe phakathi.”
^ NgesiHebheru, “umnkantsha wamathambo akhe umanzi.”
^ Noma kungaba, “ukungiphatha ngobudlova ngawo.”
^ NgesiHebheru, “izimpawu.”
^ Noma, “womhosha.”
^ NgesiHebheru, “Futhi uyohudula sonke isintu ngemva kwakhe.”