uJobe 22:1-30

  • Inkulumo yesithathu ka-Elifazi (1-30)

    • ‘Umuntu angamzuzisa yini uNkulunkulu?’ (2, 3)

    • Usola uJobe ngobugovu nangokungabi nabulungisa (6-9)

    • ‘Buyela kuNkulunkulu uvuselelwe’ (23)

22  U-Elifazi + umThemani waphendula wathi:   “Ingabe umuntu angaba usizo kuNkulunkulu? Ingabe umuntu ohlakaniphile angamzuzisa uNkulunkulu? +   Ingabe uMninimandla Onke unendaba* nokuthi ulungile,Noma kukhona yini akuzuzayo ngokuthi uhamba endleleni yobuqotho? +   Ingabe uyokujezisa,Akuyise enkantolo ngenxa yokuthi uyamhlonipha?   Akukhona yini ukuthi ububi bakho bedluleleFuthi iziphambeko zakho azipheli? +   Ngoba uthatha isibambiso kubafowenu ngaphandle kwesizathu,Uhlubula abantu izingubo zabo ubashiye benqunu. +   Awumphuzisi okhathele amanzi,Uncisha olambile ukudla. +   Izwe elomuntu onamandla, +Futhi kulo kuhlala othandwayo.   Kodwa abafelokazi ubahambise belambatha, Wachoboza nezingalo zezintandane.* 10  Yingakho uzungezwe izicupho, *+Nezinto ezithusayo ezingalindelekile zikwethusa; 11  Yingakho kumnyama kangangokuba awukwazi nokubona,Futhi umbozwa isikhukhula. 12  UNkulunkulu akekho yini phezulu ezulwini? Buka ukuthi zonke izinkanyezi ziphakeme kangakanani. 13  Kodwa wena uthe: ‘Wazini ngempela uNkulunkulu? Angahlulela yini phakathi kwamafu amnyama? 14  Amafu ayamsitha ukuze angaboniNjengoba ehambahamba ezulwini.’* 15  Uyoyilandela yini indlela yakudalaAbantu ababi abahambe ngayo, 16  Abantu abahlwithwe* ngaphambi kwesikhathi,Abasisekelo sabo sakhukhulwa isikhukhula? *+ 17  Babethi kuNkulunkulu weqiniso: ‘Hlukana nathi! UMninimandla Onke angasenzani?’ 18  Ekubeni kunguYena ogcwalise izindlu zabo ngezinto ezinhle. (Anginakulokotha ngicabange into embi ngaleyo ndlela.) 19  Olungile uyokubona lokhu ajabule,Nomsulwa uyobahleka usulu athi: 20  ‘Abamelene nathi babhuqiwe,Umlilo uyoqothula abasele kubo.’ 21  Mazi uNkulunkulu, futhi uyoba nokuthula;Ngaleyo ndlela izinto ezinhle ziyoza kuwe. 22  Yamukela umthetho ovela emlonyeni wakhe,Ugcine amazwi akhe enhliziyweni yakho. + 23  Uma ubuyela kuMninimandla Onke, uzovuselelwa; +Uma ususa ukungalungi etendeni lakho, 24  Uma uphonsa igolide lakho othuliniNegolide lase-Ofiri + emihosheni enamadwala, 25  UMninimandla Onke uyoba igolide lakho,Abe isiliva lakho lekhethelo. 26  Khona-ke injabulo yakho iyoba kuMninimandla Onke,Uphakamisele ubuso bakho kuNkulunkulu. 27  Uyomncenga, akuzwe;Ugcwalise izifungo zakho. 28  Noma yini onquma ukuyenza iyophumelela,Kuyoba nokukhanya endleleni yakho. 29  Ngoba uyohlazeka lapho ukhuluma ngokuzikhukhumeza,Kodwa uNkulunkulu uyosindisa othobekile. 30  Uyosindisa abamsulwa;Ngakho uma izandla zakho zihlanzekile, nakanjani uyosindiswa.”

Imibhalo yaphansi

Noma, “kuyamjabulisa.”
Noma, “zezingane ezingenababa.”
NgesiHebheru, “izicupho zezinyoni.”
NgesiHebheru, “esiyingini sezulu.”
Noma, “abancishiselwe iminyaka yokuphila kwabo.”
NgesiHebheru, “umfula.”