uJobe 24:1-25
24 “Kungani uMninimandla Onke engalubeki usuku lwakhe lokwahlulela? +
Kungani labo abamaziyo bengaluboni lolo suku?
2 Abantu bagudluza izimpawu zemingcele; +Bantshontsha imihlambi bayiyise emadlelweni abo.
3 Baxosha imbongolo yezintandaneBathathe inkunzi yomfelokazi ibe isibambiso. +
4 Ababavumeli abampofu ngisho nokuba bahambe emgwaqweni;Abahluphekile kumelwe babacashele. +
5 Abampofu bakufunisa okwezimbongolo zasendle ukudla; +Bafunela izingane zabo ukudla ogwadule.
6 Kumelwe bavune ensimini yomunye umuntu*Bakhothoze ensimini yamagilebhisi yomubi.
7 Ebusuku bahamba nqunu bengagqokile; +Abanazo izingubo zamakhaza.
8 Bamatiswa imvula yasezintabeni;Bazisitha emadwaleni ngenxa yokuthi abanayo indawo yokukhosela.
9 Ingane engenababa bayihlwitha ebeleni likanina; +Izingubo zabahluphekayo ziyathathwa zibe isibambiso, +
10 Bephoqwa ukuba bahambe nqunu bengagqokile,Futhi belambile, bebe bethwele izikhwebu zokudla okusanhlamvu.
11 Bafukuza emagqumeni anezindonga zamatshe kushisa ilanga;*Bagxoba amagilebhisi ezikhamweni zewayini, kodwa bahlala bomile. +
12 Abafayo balokhu bebubula edolobheni;Abalimele kakhulu bakhalela usizo, +Kodwa uNkulunkulu akakubheki njengento engafanele lokho.*
13 Kukhona labo abamelene nokukhanya; +Abaziqapheli izindlela zako,Futhi abazilandeli izindlela zako.
14 Umbulali uyavuka ekuntweleni kokusa;Abulale ongakwazi ukuzivikela nohluphekile, +Kuyilapho ebusuku entshontsha izinto zabantu.
15 Iso lesiphingi lilinda ukuhwalala, +Sithi, ‘Akekho ozongibona!’ +
Futhi sizifihla ubuso.
16 Ebumnyameni bagqekeza* izindlu zabantu;Emini bazivalela endlini.
Abakwazi ukukhanya. +
17 Ngoba ukusa kuyafana nobumnyama obukhulu kubo;Bajwayelene nezinto ezesabisayo zobumnyama obukhulu.
18 Kodwa amanzi abakhukhula ngokushesha.*
Indawo yabo iyoqalekiswa. +
Ngeke babuyele emasimini abo amagilebhisi.
19 Njengoba nje isomiso nokushisa kuhwamula amanzi eqhwa elincibilikile,IThuna* nalo lithatha labo abonile! +
20 Unina uyomkhohlwa; impethu iyomudla.
Ngeke aphinde akhunjulwe. +
Ukungalungi kuyonqunywa njengesihlahla.
21 Uxhaphaza owesifazane oyinyumba,Aphathe kabi umfelokazi.
22 UNkulunkulu uyosebenzisa amandla akhe ukuze aqede abanamandla;Nakuba bengase bavuke, abaqiniseki ngokuthi bazophila yini.
23 UNkulunkulu ubenza bazethembe futhi balondeke, +Kodwa amehlo akhe abona konke abakwenzayo. *+
24 Baphakanyisiwe okwesikhashana, ngemva kwalokho abasekho. +
Behlisiwe, + baqoqwa ndawonye njengawo wonke umuntu;Banquntulwa njengesihloko sesikhwebu sokudla okusanhlamvu.
25 Manje ubani ongathi ngiqamba amangaNoma angiphikise?”
Imibhalo yaphansi
^ Noma kungaba, “bavune ifolishi ensimini.”
^ Noma kungaba, “Bagxoba iminqumo emagqumeni anezindonga zamatshe.”
^ Noma kungaba, “uNkulunkulu akabeki muntu icala lokubi.”
^ NgesiHebheru, “bamba.”
^ NgesiHebheru, “Unejubane emanzini.”
^ Noma, “IShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ NgesiHebheru, “izindlela zabo.”