uJobe 25:1-6

  • Inkulumo yesithathu kaBhilidadi (1-6)

    • ‘Umuntu angaba kanjani msulwa phambi kukaNkulunkulu?’ (4)

    • Uthi ubuqotho bomuntu buyize (5, 6)

25  UBhilidadi + umShuhi waphendula wathi:   “Ububusi namandla asabekayo kungokwakhe;Wenza kube nokuthula ezulwini.*   Angabalwa yini amabutho akhe? Ubani ongakutholi ukukhanya kwakhe?   Ngakho umuntu ofayo angaba kanjani olungile phambi kukaNkulunkulu, +Noma kungenzeka kanjani ukuba ozalwa owesifazane abe msulwa? *+   Uma ngisho nenyanga ingakhanyi kakhulu kuyeNezinkanyezi zingakhanyi ngokucacile emehlweni akhe,   Kangakanani-ke umuntu ofayo, oyimpethu,Nendodana yomuntu, eyisibungu!”

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “ezindaweni zakhe eziphakeme.”
Noma, “angabi nacala.”