uJobe 28:1-28
28 “Kukhona indawo yokumba isilivaNendawo yegolide abalicwengayo; +
2 Insimbi ithathwa emhlabathini,Nethusi lincibilikiswa* emadwaleni. +
3 Umuntu ukhanyisa endaweni emnyama;Uya endaweni emnyama bhuqe,Eyofuna amatshe ayigugu.
4 Umba umgodi kude nalapho kuhlala khona abantu,Ezindaweni ezilibalekile, kude nalapho kuhamba khona abantu;Abanye bayehla balenge ngezintambo ezibabambile.
5 Ukudla kumila phezu komhlaba;Kodwa ngaphansi kwawo izinto zonakele njengokungathi zoniwe umlilo.*
6 Laphaya ematsheni kunesafire,Uthuli lona lunegolide.
7 Akukho nyoni edla inyama eyazi indlela eya khona;Neso likanhloyile aliyibonanga.
8 Azikho izilo ezinkulu ezihambe kuyo;Iwundlu lebhubesi alizange lihambe kuyo.
9 Umuntu ushaya idwala eliqinile* ngesandla sakhe;Agumbuqele izintaba ezisusa ezisekelweni zazo.
10 Uvula imisele yamanzi + emadwaleni;Amehlo akhe abona zonke izinto eziyigugu.
11 Uvimba izizalo zemifula,Obekufihlekile akulethe ekukhanyeni.
12 Kodwa ukuhlakanipha—kungatholakalaphi, +Ukuphi umthombo wokuqonda? +
13 Akekho umuntu oqaphela ukubaluleka kwako, +Akunakutholakala ezweni labaphilayo.
14 Amanzi ajulile athi, ‘Akukho kimi!’
Ulwandle nalo luthi, ‘Akukho kimi!’ +
15 Ngeke kuthengwe ngegolide elingaxutshiwe;Futhi isiliva ngeke likalwe bese lishintshaniswa nako. +
16 Ngeke kuthengwe ngegolide lase-Ofiri +Noma nge-onikisi eliyivelakancane nangesafire.
17 Igolide nengilazi ngeke kuqhathaniswe nako;Noma kwenanwe ngesitsha segolide elimsulwa. *+
18 Ikhorali nekristalu ngeke kukhulunywe nakukhulunywa ngako, +Ngoba isikhwama esigcwele ukuhlakanipha sibiza ukwedlula esigcwele amapharele.
19 Itopazi + laseKushe ngeke liqhathaniswe nako;Ngeke kuthengwe ngisho nangegolide elingaxutshiwe.
20 Kodwa ukuhlakanipha kuvelaphi,Ukuphi umthombo wokuqonda? +
21 Kufihliwe emehlweni azo zonke izinto eziphilayo, +Kwafihlelwa nezinyoni zamazulu.
22 Ukubhubha nokufa kuthi,‘Izindlebe zethu zizwe umbiko kuphela ngako.’
23 UNkulunkulu uyayiqonda indlela yokukuthola;Uyena kuphela owazi lapho kuhlala khona, +
24 Ngoba ubheka emaphethelweni omhlaba,Abone yonke into engaphansi kwamazulu. +
25 Lapho enika umoya amandla, *+Ekala namanzi, +
26 Lapho enquma ukuthi imvula ina nini +Nokuthi amafu esiphepho esinokuduma azohamba kuphi, +
27 Wabona ukuhlakanipha wakuchaza;Wakwenza kwaba khona wayesekuhlola.
28 Wabe esethi kumuntu:
‘Bheka! Ukwesaba uJehova kuwukuhlakanipha, +Nokubalekela okubi kuwukuqonda.’” +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “lithululwa livela.”
^ Ngokusobala kubhekiselwa emisebenzini yasezimayini.
^ Noma, “insengetsha.”
^ Noma, “elicwengiwe.”
^ NgesiHebheru, “isisindo.”