uJobe 3:1-26
3 Kungemva kwalokhu lapho uJobe aqala khona ukukhuluma nokuqalekisa usuku azalwa ngalo. *+
2 UJobe wathi:
3 “Kwangathi lungashabalala usuku engazalwa ngalo, +Nobusuku othile athi ngabo: ‘Ukhulelwe umfana!’
4 Lolo suku malube ubumnyama.
UNkulunkulu ophezulu makangabi nandaba nalo;Makungabi bikho ukukhanya phezu kwalo.
5 Ubumnyama obukhulu* mabulumboze.
Ifu elimnyama malihlale phezu kwalo.
Ubumnyama obethusayo mabumboze ukukhanya kwalo.
6 Lobo busuku—ubumnyama obukhulu mabubuthathe; +Mabungathokozi phakathi kwezinsuku zonyaka,Mabungabalwa nezinsuku zenyanga.
7 Ngempela! Bekungaba kuhle ukube akuzalwanga muntu ngalobo busuku;Ukukhala kwenjabulo makungazwakali ngalobo busuku.
8 Labo abaqalekisa usuku mababuqalekise,Labo abakwazi ukuvusa uLeviyathani. *+
9 Izinkanyezi zokuhwalala kwalobo busuku mazibe mnyama;Mabulindele ukukhanya kodwa kungabi bikho,Futhi mabungayiboni imisebe yokuntwela kokusa.
10 Ngoba abuzange buyivale iminyango yesibeletho sikamama; +Abuzange buyifihle nenkathazo emehlweni ami.
11 Kungani ngingazange ngife lapho ngizalwa?
Kungani ngingazange ngishabalale lapho ngiphuma esibelethweni? +
12 Kungani ngabekwa emathangeni
Futhi kungani kwaba khona amabele okungincelisa?
13 Ngoba manje ngabe ngilele angiphazanyiswa; +Ngabe ngilele ngiphumule +
14 Kanye namakhosi omhlaba nabeluleki bawo,Abazakhela izindawo esezingamanxiwa,*
15 Noma nezikhulu ezazinegolide,Izindlu zazo zigcweleisiliva.
16 Noma kungani ngingafananga nengane eyafa ngenxa yokuthi unina waphuphunyelwa isisu engazi ukuthi ukhulelwe,Njengabantwana abangakaze bakubone ukukhanya?
17 Lapho, ngisho nababi bayekile ukuyaluza;Lapho, abaphele amandla baphumule. +
18 Lapho, zonke iziboshwa zikhululekile;Azilizwa izwi lalowo oziphoqa ukuba zisebenze.
19 Abancane nabakhulu bayafana lapho, +Nesigqila sikhululiwe enkosini yaso.
20 Kungani enika ohluphekayo ukukhanyaNokuphila labo abacwile osizini? +
21 Kungani belangazelela ukufa, kodwa kungafiki? +
Bakumba ukwedlula ingcebo efihliwe,
22 Labo abajabula kakhulu,Abathokozayo lapho bethola ithuna.
23 Kungani uNkulunkulu enika indoda elahlekile ukukhanya,Leyo ayibiyele? +
24 Ngoba esikhundleni sokudla kwami kufika ukububula kwami, +Ukukhala kwami + kuthululeka njengamanzi.
25 Ngoba lokho obekungethusa kungehlele,Nalokho ebengikwesaba kungehlele.
26 Angibanga nakho ukuthula, noma ukungaphazanyiswa noma ukuphumula,Kodwa ngilokhu ngehlelwa izinkinga.”
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “usuku lwakhe.”
^ Noma, “Ubumnyama nethunzi lokufa.”
^ Kucatshangwa ukuthi libhekisela engwenyeni noma kwesinye isilwane sasemanzini esikhulu nesinamandla.
^ Noma kungaba, “Labo abazakhela izindawo eziyincithakalo.”