uJobe 31:1-40
31 “Ngenze isivumelwano namehlo ami. +
Ngakho ngingayinaka kanjani ngokungafanele intombi? +
2 Siyoba yini-ke isabelo sami esivela kuNkulunkulu ophezulu,Liyoba yini ifa elivela kuMninimandla Onke ophezulu?
3 Inhlekelele ayilindele yini umenzi wokubiNeshwa alilindele yini labo abenza okulimazayo? +
4 Akaziboni yini izindlela zami +Abale zonke izinyathelo zami?
5 Ngake ngahamba yini endleleni engelona iqiniso?*
Unyawo lwami lwake lwagijimela yini ekukhohliseni? +
6 UNkulunkulu makangikale ngesikali esinembile; +Khona-ke uyobubona ubuqotho bami. +
7 Uma izinyawo zami ziphambuka endleleni +Noma inhliziyo yami ilandele amehlo ami +Noma izandla zami zingcolisiwe,
8 Khona-ke mangihlwanyele imbewu kudle omunye, +Futhi engikutshalayo makusishulwe.*
9 Uma inhliziyo yami ihungwe owesifazane +Ngahoba + emnyango kamakhelwane,
10 Umkami makagayele enye indoda ukudla okusanhlamvu,Futhi amanye amadoda mawalale naye. *+
11 Ngoba lokho bekuyoba ukuziphatha okuyihlazo,Isiphambeko esifanelwe ukujeziswa abahluleli. +
12 Bekuyoba umlilo obuyoqothula kwasani, +Udle* ngisho nezimpande zawo wonke umkhiqizo wami.
13 Uma ngingabanga nobulungisa ezincekwini zamiLapho zinesikhalo ngami,
14 Yini engingayenza lapho uNkulunkulu engibuza?
Ngingamphendula ngithini lapho efuna kulandiswe? +
15 Owenza mina esibelethweni akabenzanga yini nabo? +
Akuyena yini owasenza singakazalwa? *+
16 Uma nganginqaba ukunika abampofu ababekufisa, +Noma ngibangela amehlo omfelokazi ukuba abe lusizi; *+
17 Uma ngangikudla ngedwa ukudla kwamiNgingaziphi izintandane; +
18 (Ngoba kusukela ebusheni bami intandane yakhulela kimi njengokungathi nginguyise,Futhi kusukela ngiseyingane* ngangilokhu ngihola umfelokazi.)
19 Uma ngabona umuntu eshabalala ngenxa yokungabi nanguboNoma ompofu engenasembatho; +
20 Uma engazange* angibusise +Njengoba ayezifudumeza ngoboya bezimvu zami;
21 Uma ngasikaza intandane ngesibhakela +Lapho idinga usizo lwami esangweni ledolobha; *+
22 Ingalo* yami mayihlukane nehlombe lami,Ingalo yami mayinqamuke endololwaneni.
23 Ngoba ngangiyesaba inhlekelele evela kuNkulunkulu,Futhi ngangingenakukwazi ukuba phambi kwenkazimulo yakhe.
24 Uma ngibeka ithemba lami egolideniNoma ngathi egolideni elingaxutshiwe, ‘Uyisiphephelo sami!’ +
25 Uma ngathola injabulo engcebweni yami eningi +Ngenxa yezinto eziningi engaziqongelela; +
26 Uma ngabona ilanga* likhanyaNoma inyanga inyakaza ebukhazikhazini bayo; +
27 Inhliziyo yami yahungeka ekusithekeni,Nomlomo wami waqabula isandla sami njengesenzo sokukukhulekela; +
28 Bekuyoba isiphambeko esifanelwe ukujeziswa abahluleli,Ngoba bengiyobe ngimphikile uNkulunkulu weqiniso ophezulu.
29 Ngake ngajabula yini ngokushabalala kwesitha sami +Noma ngagiya ngoba sehlelwe okubi?
30 Angikaze ngivumele umlomo wami ukuba woneNgokucela ukuphila kwaso ngesifungo. +
31 Abantu betende lami abashongo yini ukuthi,‘Ubani ongathola umuntu ongasuthiswanga ukudla* kwakhe?’ +
32 Akukho sihambi* okwakudingeka silale ngaphandle ebusuku; +Iminyango yami ngangiyivulela umuntu oyisihambi.
33 Ngake ngazama yini ukufihla izeqo zami njengabanye abantu, +Ngokufihla isiphambeko sami ekhukhwini lengubo yami?
34 Ngake ngesaba yini ukuthi iningi lizothini,Noma ngake ngesatshiswa yini ukwedelela kweminye imindeni,Kungenze ngithule, ngesabe nokuphumela ngaphandle?
35 Ukube nje othile ubengangilalela! +
Bengiyobhala igama lami kwengikushilo.
UMninimandla Onke makangiphendule! +
Ukube nje ummangaleli wami ubewabhale encwadini amacala!
36 Bengiyoyitshatha ehlombe,Ngiyibeke ekhanda njengomqhele.
37 Bengiyomtshela ngazo zonke izinto engizenzile;Bengiyosondela kuye ngokuzethemba, njengenkosana.
38 Uma umhlaba wami ubungakhala ngamiNemisele yawo ikhale kanyekanye;
39 Uma ngizidle mahhala izithelo zawo, +Noma uma ngibangele usizi kubanikazi bawo; +
40 Khona-ke mangimilelwe ameva esikhundleni sikakolweniNokhula olunukayo esikhundleni sebhali.”
Amazwi kaJobe aphela lapha.
Imibhalo yaphansi
^ Noma kungaba, “nabantu abangenalo iqiniso?”
^ Noma, “inzalo yami mayisishulwe.”
^ NgesiHebheru, “amanye amadoda bawaguqe phezu kwakhe.”
^ Noma, “Usiphule.”
^ NgesiHebheru, “esibelethweni.”
^ NgesiHebheru, “afiphale.”
^ NgesiHebheru, “ngisesesibelethweni sikamama.”
^ NgesiHebheru, “izinkalo zakhe zingazange.”
^ Noma kungaba, “Lapho ngibona ukuthi ngiyasekelwa esangweni ledolobha.”
^ Noma, “Isiphanga.”
^ NgesiHebheru, “ukukhanya.”
^ NgesiHebheru, “inyama.”
^ Noma, “sifiki.”