uJobe 32:1-22
32 Ngakho la madoda amathathu ayeka ukuzama ukuphendula uJobe, ngoba wayeqiniseka ngokuthi ulungile. *+
2 Kodwa u-Elihu indodana kaBharakeli umBuzi + womndeni kaRamu wayethukuthele kakhulu. Intukuthelo yakhe yamvuthela uJobe ngokuzama ukuzibonakalisa elungile kunokuba athi nguNkulunkulu olungile. +
3 Wayebathukuthelele kakhulu nabangane bakaJobe abathathu ngoba bahluleka ukuthola impendulo kodwa bathi uNkulunkulu mubi. +
4 U-Elihu wayelokhu elinde ukuphendula uJobe, ngoba babebadala kunaye. +
5 Lapho u-Elihu ebona ukuthi la madoda amathathu ayengenayo impendulo, wathukuthela nakakhulu.
6 Ngakho u-Elihu indodana kaBharakeli umBuzi waqala ukukhuluma, wathi:
“Mina ngimncane,*Nina madoda nibadala. +
Ngenxa yalokho nginihloniphile ngazibamba, +Futhi angizange ngilokothe nginitshele engikwaziyo.
7 Ngacabanga, ‘Abantu abadala* mabakhulume,Labo abanesikhathi eside bephila mabenze ukuhlakanipha kwaziwe.’
8 Kodwa ngumoya okubantu,Ukuphefumula koMninimandla Onke, okubanika ukuqonda. +
9 Iminyaka nje iyodwa ayimenzi* umuntu ahlakaniphe,Futhi akubona abantu abadala kuphela abaqonda ukuthi yini elungile. +
10 Ngakho ngithi, ‘Ngilaleleni,Ngizonitshela engikwaziyo.’
11 Bhekani! Ngiwalindile amazwi enu;Bengilokhu ngikulalele ebenikusho, +Njengoba benifuna izinto enizozisho. +
12 Nginilalelisisile,Kodwa akekho kini okwazile ukuveza ukuthi uJobe usephutheni*Noma okwazile ukumphendula.
13 Ngakho ningasho ukuthi, ‘Sikutholile ukuhlakanipha;NguNkulunkulu omsolayo, akuyena umuntu.’
14 Akazange amelane nami ngamazwi,Ngakho ngeke ngimphendule ngamazwi enu.
15 Sebephele amandla, abasenazo izimpendulo;Sebephelelwe amagama.
16 Ngilindile, kodwa abasaqhubeki nokukhuluma;Bamile nje, abanampendulo.
17 Ngakho nami ngizophendula;Nami ngizokusho engikwaziyo,
18 Ngoba ngigcwele amazwi;Umoya ongaphakathi kimi uyangiphoqa.
19 Ingaphakathi lami lifana newayini elisesigujini esivalwe ngci,Njengesigubhu* esisha sewayini esesizoqhuma. +
20 Mangikhulume ukuze ngikhululeke!
Ngizovula izindebe zami ngiphendule.
21 Ngeke ngiphathe abanye ngendlela ebonisa ukukhetha; +
Futhi ngeke ngikhohlise muntu,*
22 Ngoba angazi ukuthi umuntu ukhohliswa kanjani;Ukube bengazi, uMenzi wami ubeyongibhubhisa ngokushesha.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “wayelungile emehlweni akhe.”
^ NgesiHebheru, “ngimncane ngezinsuku.”
^ NgesiHebheru, “Izinsuku.”
^ Noma, “Izinsuku eziningi nje zizodwa azimenzi.”
^ Noma, “ukusola uJobe.”
^ Lesi sigubhu sasenziwe ngesikhumba.
^ Noma, “nginike muntu isiqu sokumhlonipha.”