uJobe 36:1-33
-
U-Elihu ubabaza ubukhulu bukaNkulunkulu obungaphenyeki (1-33)
36 U-Elihu waqhubeka wathi:
2 “Ngibekezelele isikhashana njengoba ngisachaza,Ngoba ngisenawo amazwi okukhulumela uNkulunkulu.
3 Ngizogeqa amagula ngengikwaziyo,Futhi ngizothi uMenzi wami ulungile. +
4 Ngempela amazwi ami awawona amanga;Lowo onolwazi oluphelele + ulapha phambi kwakho.
5 Impela, uNkulunkulu unamandla + futhi akalahli muntu;Unamandla amakhulu okuqonda.*
6 Ngeke akulonde ukuphila kwababi, +Kodwa ubenzela ubulungisa abahluphekile. +
7 Akawasusi amehlo akhe kwabalungile; +Ubahlalisa namakhosi* esihlalweni sobukhosi, + futhi baphakanyiswa kuze kube phakade.
8 Kodwa uma beboshwe ngamaketanga,Beboshwe ngezindophi zokuhlupheka,
9 Ubembulela abakwenzile,Izeqo zabo ezibangelwe ukuqhosha kwabo.
10 Uvula izindlebe zabo ukuze zizwe ukulungiswa,Abatshele ukuba bafulathele okubi. +
11 Uma bemlalela futhi bemkhonza,Bayochuma ekuphileni kwabo,Iminyaka yabo iyoba mnandi. +
12 Kodwa uma bengalaleli, bayobulawa ngenkemba, *+Bafe bengenalwazi.
13 Abangamesabi uNkulunkulu* ezinhliziyweni zabo bayofukamela inzondo.
Abalukhaleli usizo ngisho noma ebabopha.
14 Bafa besebancane, +Bechitha* ukuphila kwabo nezifebe zesilisa zasethempelini. +
15 Kodwa uNkulunkulu ukhipha abahluphekile ekuhluphekeni kwabo;Uvula izindlebe zabo lapho becindezelwa ukuze bamuzwe.
16 Uyakukhulula ekuququdweni usizi, +Akubeke endaweni enkulu, engenamingcele, +Akududuze ngokudla okunomsoco etafuleni lakho. +
17 Ngemva kwalokho uyogculiseka ngokwahlulelwa kwababi, +Lapho kukhishwa isahlulelo futhi kwenziwa ubulungisa.
18 Kodwa qaphela ukuba ulaka lungakuholeli ekubeni nonya, *+Ungasivumeli isifumbathiso esikhulu sikudukise.
19 Ingabe ukukhalela kwakho usizoNoma ukuzikhandla kwakho kuyokukhulula osizini? +
20 Ungabulangazeleli ubusuku,Lapho abantu benyamalala ezindaweni zabo.
21 Qaphela ukuba ungaphendukeli ekwenzeni okubiUkhethe ukwenza okubi esikhundleni senhlupheko. +
22 Bheka! UNkulunkulu uphakanyisiwe ngenxa yamandla akhe;Ukhona yini umfundisi onjengaye?
23 Ubani oqondise* indlela yakhe +Noma othe kuye, ‘Lokhu okwenzile akulungile’? +
24 Ungakukhohlwa ukubabaza umsebenzi wakhe, +Abantu abahlabelele ngawo. +
25 Sonke isintu siwubonile,Umuntu ofayo uwubukela kude.
26 Ngempela, uNkulunkulu mkhulu kunalokho esingase sikwazi; +Iminyaka yakhe ayinakubalwa. *+
27 Udonsa amathonsi amanzi awakhuphule; +Inkungu iyancibilika yakhe imvula;
28 Amafu abe eseyehlisela phansi; +Ayenze ine phezu kwesintu.
29 Ukhona yini ongaqonda ukwendlaleka kwamafu,Ukuduma okuvela etendeni* lakhe? +
30 Buka indlela awusabalalisa ngayo umbani* wakhe + phezu kwalo,Amboze ukujula kolwandle.
31 Usekela izizwe ngalezi zinto;Uzinika ukudla okuningi. +
32 Umbani uwumboza ngezandla zakhe,Awuqondise esisulwini sawo. +
33 Ukuduma kumemezela ukuba khona kwakhe,Ngisho nemfuyo isitshela ukuthi ubani* ozayo.
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “enhliziyo.”
^ Noma kungaba, “Uhlalisa amakhosi.”
^ Noma, “ngesikhali (ngomcibisholo).”
^ Noma, “Abayizihlubuki.”
^ Noma kungaba, “Bephothula.”
^ Noma, “ekushayeni izandla unamagqubu.”
^ Noma kungaba, “ogxeke; omenze walandisa ngayo.”
^ Noma, “ayiphenyeki.”
^ NgesiHebheru, “edokodweni.”
^ NgesiHebheru, “ukukhanya.”
^ Noma kungaba, “yini.”