uJobe 4:1-21
4 U-Elifazi + umThemani waphendula wathi:
2 “Uma umuntu ezama ukukhuluma nawe, ingabe wena uzophelelwa isineke?
Ngoba ubani ongazibamba angakhulumi?
3 Yiqiniso, usulungise abaningi,Futhi wawuvame ukuqinisa izandla ezibuthakathaka.
4 Amazwi akho ayevusa noma ubani okhubekayo,Futhi wawuqinisa namadolo alabo abase bephelelwa amandla.
5 Kodwa manje sekwenzeke kuwe, awusazi ukuthi wenzeni;*Kuthinta wena uqobo, manje usukhathazekile.
6 Ukuhlonipha kwakho uNkulunkulu akukuniki yini ithemba?
Ubuqotho bakho + abukuniki yini ithemba?
7 Siza ukhumbule: Yimuphi umuntu omsulwa owake washabalala?
Kunini lapho oqotho ake abhujiswa khona?
8 Engikubonile ukuthi labo abahlwanyela* okulimazayoNalabo abahlwanyela izinkathazo bayovuna kona futhi.
9 Ngokuphefumula kukaNkulunkulu bayashabalala,Nangokuvutha kwentukuthelo yakhe bayaphela.
10 Ibhubesi liyabhonga, nebhubesi eliselincane liyagwavuma,Kodwa ngisho namazinyo amabhubesi anamandla* aphukile.
11 Ibhubesi liyashabalala ngokungabi bikho kwenyamazane,Namawundlu ebhubesi ahlakazekile.
12 Manje izwi lalethwa kimi ngasese,Ukunyenyezwa* kwalo kwafika endlebeni yami.
13 Emicabangweni engincisha ubuthongo engifikela emibonweni yasebusuku,Lapho abantu behlelwa ubuthongo obukhulu,
14 Ngafikelwa ukuthuthumela okukhulu,Kwagcwalisa wonke amathambo ami ngengebhe.*
15 Kwadlula umoya ebusweni bami;Kwasiphuzela uboya.
16 Wama wanganyakaza,Kodwa angizange ngibone ukuthi wawubukeka kanjani.
Kwakunesithunzi phambi kwamehlo ami;Kwathuleka, ngabe sengizwa izwi:
17 ‘Umuntu ofayo angaba yini olunge ngaphezu kukaNkulunkulu?
Indoda ingaba yini ehlanzeke ngaphezu koMenzi wayo?’
18 Lalela! Akazethembi izinceku zakhe,Nasezingelosini* zakhe ubona amaphutha.
19 Kangakanani-ke ngalabo abahlala ezindlini zobumba,Abasisekelo sabo sisothulini, +Abachobozeka kalula njengenundu!*
20 Bachotshozwa babe izicucu kusukela ekuseni kuze kuhlwe;Bashabalala unomphela futhi akekho nobonayo.
21 Abafani yini netende elikhishwe intambo yalo?
Bafa bengahlakaniphile.
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “usuphele amandla.”
^ Noma, “abaceba.”
^ Noma, “amabhubesi asemancane anomhlwenga.”
^ Ukuhlebela umuntu endlebeni.
^ Noma, “ngokwesaba.”
^ Noma, “Nasezithunyweni.”
^ Inundu eyayitholakala kwa-Israyeli; kwakuyisinambuzane esinezimpaphe ezine njengovemvane; esigabeni sayo sokuqala ngaphambi kokuba ibe namaphiko, idla izingubo.