NgokukaJohane 17:1-26
17 UJesu wakhuluma lezi zinto, ngemva kwalokho waphakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, ihora selifikile. Khazimulisa indodana yakho ukuze indodana yakho ikukhazimulise, +
2 njengoba uyinike igunya phezu kwayo yonke inyama, *+ ukuze ibanike ukuphila okuphakade + bonke oyinike bona. +
3 Lokhu kusho ukuphila okuphakade, + ukuba bakwazi,* wena owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, + nalowo omthumile, uJesu Kristu. +
4 Ngikukhazimulisile emhlabeni, + njengoba ngiwuqedile umsebenzi onginike wona ukuba ngiwenze. +
5 Ngakho manje Baba ngikhazimulise, mangibe seceleni kwakho, ngibe nenkazimulo enganginayo eceleni kwakho ngaphambi kokuba izwe libe khona. +
6 “Ngibazisile* igama lakho abantu onginike bona ezweni. + Babengabakho, wanginika bona, futhi baligcinile* izwi lakho.
7 Manje sebeyazi ukuthi zonke izinto onginike zona zivela kuwe;
8 ngoba amazwi owanginika wona ngibanike wona, + bawamukele, futhi sebeyazi ngokuqinisekile ukuthi ngeza njengommeleli wakho + futhi baye bakholwa ukuthi ungithumile. +
9 Ngicelela bona; angiceleli izwe, kodwa ngicelela labo onginike bona, ngoba bangabakho;
10 zonke izinto zami zingezakho nezakho zingezami, + futhi ngikhazinyulisiwe phakathi kwabo.
11 “Angisekho ezweni, kodwa bona basezweni + kanti mina ngiza kuwe. Baba ongcwele, babheke + ngenxa yegama lakho engibambulele lona, ukuze babe munye* njengoba nje nathi simunye. *+
12 Lapho ngisenabo ngangibaqapha + ngenxa yegama lakho engibambulele lona; futhi ngibavikelile, akekho noyedwa kubo obhubhile + ngaphandle kwendodana yokubhubha, + ukuze kugcwaliseke umbhalo. +
13 Kodwa manje ngiza kuwe, futhi ngikhuluma lezi zinto ezweni, ukuze bayizwe ngokugcwele injabulo enginayo. +
14 Ngibanike izwi lakho, kodwa izwe libazondile ngoba bengeyona ingxenye yezwe, + njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe.
15 “Angikuceli ukuba ubakhiphe ezweni, kodwa ukuba ubabheke ngenxa yomubi. +
16 Abayona ingxenye yezwe, + njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe. +
17 Bangcwelise* ngeqiniso; + izwi lakho liyiqiniso. +
18 Njengoba nje wangithuma ezweni, nami ngibathuma ezweni. +
19 Ngiyazingcwelisa ngenxa yabo, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.
20 “Angiceleli laba kuphela, kodwa nalabo ababa nokholo kimi ngenxa yokushumayela kwabo,
21 ukuze bonke babe munye, + njengoba nje wena, Baba, umunye nami futhi nami ngimunye nawe, + ukuba nabo babe munye nathi, ukuze izwe likholwe ukuthi ungithumile.
22 Ngibanikile inkazimulo onginike yona, ukuze babe munye njengoba nje nathi simunye. +
23 Mina ngimunye nabo, nawe umunye nami, ukuze babe munye ngokuphelele,* ukuze izwe lazi ukuthi ungithumile nokuthi ubathandile njengoba nje nami ungithandile.
24 Baba, ngifisa ukuthi labo onginike bona, babe nami lapho ngikhona, + ukuze babone inkazimulo yami onginike yona ngoba wangithanda ngaphambi kokusungulwa kwezwe. +
25 Baba olungile, ngempela izwe alizange likwazi, + kodwa mina ngiyakwazi, + nalaba sebeyazi ukuthi ungithumile.
26 Ngibazisile igama lakho futhi ngizolenza laziwe, + ukuze uthando ongithande ngalo lube kubo nami ngibe munye nabo.” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “isintu; abantu.”
^ Noma, “ukuba bafunde ngawe.”
^ Noma, “Ngilibonakalisile.”
^ Noma, “balilalelile.”
^ Noma, “sinobunye.”
^ Noma, “nobunye.”
^ Noma, “Benze bahluke; Benze babe ngcwele.”
^ Noma, “ukuze bapheleliswe ekubeni munye.”