NgokukaJohane 8:12-59
8 12 UJesu waphinda futhi wakhuluma nabo, ethi: “Mina ngiwukukhanya kwezwe. + Noma ubani ongilandelayo akasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyoba nokukhanya + kokuphila.”
13 Ngakho abaFarisi bathi kuye: “Uzifakazela wena; ubufakazi bakho abulona iqiniso.”
14 UJesu ephendula wathi kubo: “Ngisho noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buyiqiniso, ngoba ngiyazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. + Kodwa nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi.
15 Nina nahlulela ngokwenyama; *+ mina angahluleli noyedwa umuntu.
16 Kodwa ngisho noma ngahlulela, ukwahlulela kwami kuneqiniso, ngoba angingedwa, kodwa uBaba ongithumile unami. +
17 NaseMthethweni wenu kulotshiwe ukuthi: ‘Ubufakazi babantu ababili buyiqiniso.’ +
18 Mina ngiyazifakazela, noBaba ongithumile uyangifakazela.” +
19 Babe sebethi kuye: “Uphi uYihlo?” UJesu waphendula: “Aningazi mina noma uBaba. + Ukube beningazi mina, beniyomazi noBaba.” +
20 La mazwi wawasho endaweni yengcebo + njengoba ayefundisa ethempelini. Kodwa akekho owambamba, ngoba ihora lakhe lalingakafiki. +
21 Ngakho waphinda wathi kubo: “Ngiyahamba, futhi nizongifuna, kodwa nina niyofela esonweni senu. + Lapho ngiya khona anikwazi ukuza.” +
22 AmaJuda athi: “Ingabe uzozibulala? Ngoba uthi, ‘Lapho ngiya khona anikwazi ukuza.’ ”
23 Waqhubeka wathi kuwo: “Nina nivela ezindaweni ezingaphansi; mina ngivela ezindaweni ezingaphezulu. + Nina nivela kuleli zwe; mina angiveli kuleli zwe.
24 Yingakho ngithe kini: Niyofela ezonweni zenu. Ngoba uma ningakholwa ukuthi mina nginguye, niyofela ezonweni zenu.”
25 Ngakho athi kuye: “Ungubani?” UJesu wathi kuwo: “Ngikhulumelani ngisho nokukhuluma nje nani?
26 Nginezinto eziningi okumelwe ngizikhulume ngani nokumelwe ngikhiphe isahlulelo ngazo. Eqinisweni, Lowo ongithumile uqinisile, futhi zona kanye izinto engazizwa kuye ngiyazikhuluma ezweni.” +
27 Abazange baqonde ukuthi wayekhuluma kubo ngoYise.
28 UJesu wathi: “Ngemva kokuba seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, + niyokwazi ukuthi nginguye + nokuthi angenzi lutho ngokwami; + kodwa lezi zinto ngizikhuluma njengoba nje uBaba angifundisa.
29 Lowo ongithumile unami; akangishiyanga ngedwa, ngoba ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo.” +
30 Njengoba ayesho lezi zinto, abaningi baba nokholo kuye.
31 UJesu wabe esethi kumaJuda ayemkholelwe: “Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami ngempela,
32 niyolazi iqiniso, + futhi iqiniso liyonikhulula.” +
33 Amphendula athi: “Thina siyinzalo ka-Abrahama futhi asikaze sibe izigqila zamuntu. Usho kanjani ukuthi, ‘Niyokhululeka’?”
34 UJesu wawaphendula wathi: “Ngiqinisile impela ngithi kini, wonke umuntu owenza isono uyisigqila sesono. +
35 Ngaphezu kwalokho, isigqila asihlali emzini wenkosi yaso kuze kube phakade; indodana ihlala kuze kube phakade.
36 Ngakho uma iNdodana inikhulula, niyokhululeka ngempela.
37 Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka-Abrahama. Kodwa nifuna ukungibulala, ngoba izwi lami aliyitholi indawo phakathi kwenu.
38 Ngikhuluma izinto engizibone ngesikhathi nginoBaba, + kodwa nina nenza izinto enizizwe kuyihlo.”
39 Ephendula athi kuye: “Ubaba wethu ngu-Abrahama.” UJesu wathi kuwo: “Ukube beningabantwana baka-Abrahama, + beniyokwenza imisebenzi ka-Abrahama.
40 Kodwa manje nifuna ukungibulala, mina muntu onitshele iqiniso engilizwe kuNkulunkulu. + U-Abrahama akazange akwenze lokhu.
41 Nina nenza imisebenzi kayihlo.” Athi kuye: “Thina asizalwanga ngobufebe;* sinoBaba munye, uNkulunkulu.”
42 UJesu wathi kuwo: “Ukube uNkulunkulu ubenguYihlo, beniyongithanda, + ngoba ngilapha nje ngivela kuNkulunkulu. Angizizelanga ngokwami, kodwa ngathunywa nguYe. +
43 Kungani ningakuqondi lokhu engikushoyo? Ngoba anikwazi ukulalela izwi lami.
44 Nina nivela kuyihlo uDeveli, nifisa ukwenza izifiso zikayihlo. + Yena wayengumbulali kusukela ekuqaleni, *+ akazange abambelele eqinisweni, ngoba iqiniso alikho kuye. Lapho ekhuluma amanga, ukhuluma ngokuvumelana nalokho ayikho, ngoba ungumqambimanga noyise wamanga. +
45 Ngakolunye uhlangothi, ngenxa yokuthi mina ngikhuluma iqiniso, aningikholwa.
46 Ubani kini ongilahla ngokuthi ngenze isono? Uma ngikhuluma iqiniso, kungani ningangikholwa?
47 Ovela kuNkulunkulu uyawalalela amazwi kaNkulunkulu. + Yingakho nina ningalaleli, ngoba aniveli kuNkulunkulu.” +
48 AmaJuda ephendula athi kuye: “Asisho yini kufanele ukuthi, ‘Wena ungumSamariya + nokuthi unedemoni’?” +
49 UJesu waphendula: “Anginalo idemoni mina, kodwa ngidumisa uBaba, nokho nina niyangihlaza.
50 Kodwa angizifuneli mina inkazimulo; + ukhona Lowo ofuna ngikhazinyuliswe nowahlulelayo.
51 Ngiqinisile impela ngithi kini, uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akubona ukufa.” +
52 AmaJuda athi kuye: “Manje sesiyazi ukuthi unedemoni. U-Abrahama wafa, ngokufanayo nabaprofethi, kodwa wena uthi, ‘Uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akunambitha ukufa.’
53 Awumkhulu wena kunobaba wethu u-Abrahama, owafa, akunjalo? Abaprofethi nabo bafa. Wena uthi ungubani?”
54 UJesu waphendula: “Uma ngizikhazimulisa mina, inkazimulo yami iyize. NguBaba ongikhazimulisayo, + lowo nina enithi unguNkulunkulu wenu.
55 Nokho anizange nimazi, + kodwa mina ngiyamazi. + Uma ngingathi angimazi, ngiyobe ngingumqambimanga njengani. Kodwa ngiyamazi futhi ngigcina izwi lakhe.
56 U-Abrahama uyihlo wajabula kakhulu ngethemba lokubona usuku lwami, futhi walubona wajabula.” +
57 AmaJuda athi kuye: “Awukabi naneminyaka engu-50, kodwa usumbonile u-Abrahama?”
58 UJesu wathi kuwo: “Ngiqinisile impela ngithi kini, ngaphambi kokuba u-Abrahama abe khona, ngase ngikhona.” +
59 Ngakho athatha amatshe ukuze amjikijele ngawo, kodwa uJesu wacasha futhi waphuma ethempelini.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ngokokubona komuntu.”
^ Noma, “ngokuziphatha kabi ngokocansi.” NgesiGreki, i-por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “lapho eqala.”