Joshuwa 12:1-24
12 Yilawa amakhosi anqotshwa ama-Israyeli empumalanga yeJordani, abe esethatha izwe lawo kusukela eSigodini* Sase-Arinoni + kukhuphukele eNtabeni iHermoni + nayo yonke ingxenye ye-Araba engasempumalanga: +
2 USihoni + inkosi yama-Amori owayehlala eHeshibhoni, ebusa kusukela e-Aroweri + elalisonqenqemeni lweSigodi* Sase-Arinoni, + naphakathi nesigodi nengxenye yeGileyadi kuze kufike eSigodini* SaseJabhoki, esiwumngcele wama-Amoni.
3 Wayebusa nasengxenyeni esempumalanga ye-Araba kuze kufike oLwandle LwaseKhinereti *+ kuze kuyofika oLwandle Lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti,* kuye empumalanga ngaseBheti-jeshimoti, nangaseningizimu phansi kwentaba iPhisiga. +
4 Ama-Israyeli athatha nendawo ka-Ogi + inkosi yaseBhashani, owayephakathi kwamaRefa + okugcina owayehlala e-Ashitaroti nase-Edireyi,
5 nowayebusa eNtabeni iHermoni, eSaleka nakulo lonke iBhashani, + kuze kufike emngceleni wamaGeshuri namaMahakhati, + nengxenye yeGileyadi kuya endaweni kaSihoni inkosi yaseHeshibhoni. +
6 UMose inceku kaJehova nama-Israyeli bawanqoba, + okwathi ngemva kwalokho uMose inceku kaJehova wanika abakwaRubeni, abakwaGadi nohhafu wesizwe sakwaManase izwe lawo. +
7 Yilawa amakhosi uJoshuwa nama-Israyeli abawanqoba entshonalanga yeJordani, kusukela eBhali-gadi + eSigodini SaseLebhanoni + kuze kufike eNtabeni iHalaki + enyuka ize iyofika eSeyiri, + okwathi ngemva kwalokho uJoshuwa wathatha izwe lawo walabela izizwe zakwa-Israyeli, +
8 isifunda esinezintaba, iShefela, i-Araba, izindawo ezehlelayo, ihlane neNegebhi +—izwe lamaHeti, lama-Amori, + lamaKhanani, lamaPherizi, lamaHivi nelamaJebusi: +
9 Yilawa-ke amakhosi: Inkosi yaseJeriko, + inkosi yase-Ayi + eyayiseceleni kweBhethele,
10 inkosi yaseJerusalema, inkosi yaseHebroni, +
11 inkosi yaseJarimuthi, inkosi yaseLakishi,
12 inkosi yase-Egiloni, inkosi yaseGezeri, +
13 inkosi yaseDebhiri, + inkosi yaseGederi,
14 inkosi yaseHorma, inkosi yase-Aradi,
15 inkosi yaseLibhina, + inkosi yase-Adulamu,
16 inkosi yaseMakheda, + inkosi yaseBhethele, +
17 inkosi yaseTaphuwa, inkosi yaseHeferi,
18 inkosi yase-Afeki, inkosi yaseLasharoni,
19 inkosi yaseMadoni, inkosi yaseHazori, +
20 inkosi yaseShimroni-meroni, inkosi yase-Akishafu,
21 inkosi yaseThahanaki, inkosi yaseMegido,
22 inkosi yaseKedeshi, inkosi yaseJokineyamu + eKarmeli,
23 inkosi yaseDori eyayisendaweni egudle izintaba zaseDori, + inkosi yaseGoyimi eGiligali,
24 nenkosi yaseTiriza; esewonke la makhosi ayengu-31.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “eMhosheni.”
^ Noma, “loMhosha.”
^ Noma, “eMhosheni.”
^ Okuwukuthi, uLwandle Olufile.
^ Okuwukuthi, ichibi laseGenesaretha, noma uLwandle LwaseGalile.