Joshuwa 15:1-63
15 Izwe elabelwa *+ imindeni yesizwe sakwaJuda lafinyelela emngceleni wakwa-Edomi, + ihlane laseZini, kuya eNegebhi emkhawulweni wayo oseningizimu.
2 Umngcele walo oseningizimu wawusuka emaphethelweni oLwandle Lukasawoti, *+ ethekwini elibheke eningizimu.
3 Wawuqhubekela ngaseningizimu emqanseni wase-Akarabimi, + uwelele eZini bese wenyuka usuka eningizimu uye eKadeshi-barineya, + uwelele eHezironi, ukhuphukele e-Adari bese uzungeza uye eKaraka.
4 Wawube usudlulela e-Azimoni + bese uya eMhosheni* WaseGibhithe, + lo mngcele wawuphelela oLwandle.* Lona kwakuwumngcele wale mindeni oseningizimu.
5 Umngcele osempumalanga kwakuwuLwandle Lukasawoti* kuze kufike phezulu emaphethelweni eJordani, umngcele ongasenyakatho wawuqala ethekwini lolwandle, emaphethelweni eJordani. +
6 Lo mngcele wawenyukela eBheti-hogila + uwelele enyakatho yeBheti-araba, + wenyukele etsheni likaBohanu + indodana kaRubeni.
7 Umngcele wawukhuphukela eDebhiri eSigodini Sase-Akori, *+ ujikele ngasenyakatho uye eGiligali, + ephambi komqansa wase-Adumimi oseningizimu yomhosha, uwelele emanzini ase-Eni-shemeshi + bese uphelela e-Eni-rogeli. +
8 Lo mngcele wawukhuphukela eSigodini Sendodana KaHinomu + ugudle izintaba zamaJebusi + eningizimu, okungukuthi eJerusalema, + wawube usukhuphukela esiqongweni sentaba ebhekene neSigodi SikaHinomu entshonalanga, esisemaphethelweni eSigodi SamaRefa* enyakatho.
9 Umngcele wawube ususuka esiqongweni sentaba uze uyofika emthonjeni waseNefitowa, + udlulele emadolobheni aseNtabeni i-Efroni; umngcele wawuze ufike eBhahala, okungukuthi eKiriyati-jeyarimi. +
10 Lo mngcele wawuzungeza usuka eBhahala uye ngasentshonalanga eNtabeni iSeyiri, udlule uyogudla iNtaba iJeharimu enyakatho, okungukuthi eKhesaloni, wehlele eBheti-shemeshi + bese uwelela eThimna. +
11 Umngcele wawudlula uyogudla intaba yase-Ekroni + enyakatho, uze uyofika eShikeroni udlulele eNtabeni iBhahala uqhubekele eJabiniyeli, uze uyophelela olwandle.
12 Umngcele osentshonalanga kwakuwuLwandle Olukhulu *+ nogu lwalo. Lona kwakuwumngcele wenzalo yakwaJuda ngokwemindeni yayo zinhlangothi zonke.
13 Wanika uKalebi + indodana kaJefune isabelo phakathi kwenzalo kaJuda ngokuvumelana nomyalo kaJehova awunika uJoshuwa, wamnika iKiriyati-ariba (u-Ariba wayenguyise ka-Anaki), okungukuthi iHebroni. +
14 Ngakho uKalebi wawaxosha lapho amadodana amathathu ka-Anaki: + uSheshayi, u-Ahimani noTalimayi, + inzalo ka-Anaki.
15 Ngemva kwalokho wakhuphuka wayokulwa nabaseDebhiri. + (IDebhiri lalikade libizwa ngokuthi iKiriyati-seferi.)
16 UKalebi wabe esethi: “Indoda ezohlasela iKiriyati-seferi ilinqobe, ngizoyinika indodakazi yami u-Akisa ibe umkayo.”
17 U-Otheniyeli + indodana kaKhenazi, + umfowabo kaKalebi, walinqoba. Ngakho wamnika u-Akisa indodakazi yakhe + waba umkakhe.
18 Lapho u-Akisa eseya emzini wakhe, wancenga umyeni wakhe ukuba acele insimu kuyise. U-Akisa wabe esehla embongolweni.* UKalebi wathi kuye: “Ufunani?” +
19 Wathi: “Ngicela ungiphe isipho esiyisibusiso, ngoba unginike isiqephu sezwe esomile kuphela esiseningizimu;* nginike neGulothi-mayimi.”* Ngakho wamnika iGulothi Elingenhla neGulothi Elingezansi.
20 Leli kwakuyifa lesizwe sakwaJuda ngokwemindeni yaso.
21 Amadolobha ayesemaphethelweni esizwe sakwaJuda ukuya ngasemngceleni wakwa-Edomi + eningizimu kwakuyilawa: iKabiziyeli, i-Edere, iJaguri,
22 iKhina, iDimona, i-Adada,
23 iKedeshi, iHazori, i-Itinani,
24 iZifi, iThelemi, iBheyaloti,
25 iHazori-hadatha, iKheriyoti-hezironi, okungukuthi iHazori,
26 i-Amamu, iShema, iMolada, +
27 iHazari-gada, iHeshimoni, iBheti-pheleti, +
28 iHazari-shuwali, iBheri-sheba, + iBhiziyothiya,
29 iBhahala, i-Imi, i-Ezemi,
30 i-Elitoladi, iKhesili, iHorma, +
31 iZikilagi, + iMadimana, iSanisana,
32 iLebhawoti, iShilihimi, i-Ayini neRimoni +—esewonke amadolobha ayengu-29 kanye nemizi engaphansi kwawo.
33 EShefela + kwakuyilawa: i-Eshitawoli, iZora, + i-Ashina,
34 iZanowa, i-Eni-ganimi, iTaphuwa, i-Enamu,
35 iJarimuthi, i-Adulamu, + iSoko, i-Azeka, +
36 iShaharayimi, + i-Aditayimi, iGedera neGederotayimi*—amadolobha angu-14 nemizi engaphansi kwawo.
37 IZenani, iHadasha, iMigidali-gadi,
38 iDileyani, iMispe, iJokiteyeli,
39 iLakishi, + iBhozikati, i-Egiloni,
40 iKhabhoni, iLahimamu, iKhitilishi,
41 iGederoti, iBheti-dagoni, iNahama neMakheda +—amadolobha angu-16 nemizi engaphansi kwawo.
42 ILibhina, + i-Etere, i-Ashani, +
43 i-Ifita, i-Ashina, iNezibi,
44 iKheyila, i-Akizibi neMareshahi—amadolobha angu-9 nemizi engaphansi kwawo.
45 I-Ekroni namadolobhana angaphansi kwayo* nemizi yawo;
46 kusukela e-Ekroni ngasentshonalanga, konke okuseceleni kwe-Ashidodi nemizi engaphansi kwayo.
47 I-Ashidodi, + amadolobhana angaphansi kwalo* nemizi yawo; iGaza, + amadolobhana angaphansi kwalo nemizi yawo, kwehle kuze kuyofika eMhosheni WaseGibhithe, uLwandle Olukhulu* nezindawo ezigudle ugu lwalo. +
48 Izindawo ezisezintabeni, iShamiri, iJatiri, + iSoko,
49 iDana, iKiriyati-sana, okungukuthi iDebhiri,
50 i-Anabi, i-Eshitemo, + i-Animi,
51 iGosheni, + iHoloni neGilo +—amadolobha angu-11 nemizi engaphansi kwawo.
52 I-Arabhu, iDuma, i-Eshani,
53 iJanimi, iBheti-taphuwa, i-Afeka,
54 iHumitha, iKiriyati-ariba, okungukuthi iHebroni, + neZiyori—amadolobha angu-9 nemizi engaphansi kwawo.
55 IMawoni, + iKarmeli, iZifi, + iJutha,
56 iJizreyeli, iJokideyamu, iZanowa,
57 iKhayine, iGibheya neThimna +—amadolobha ayishumi nemizi engaphansi kwawo.
58 IHalihuli, iBheti-zuri, iGedori,
59 iMaharati, iBheti-anoti ne-Elitekoni—amadolobha ayisithupha nemizi engaphansi kwawo.
60 IKiriyati-bhali, okungukuthi iKiriyati-jeyarimi + neRaba—amadolobha amabili nemizi engaphansi kwawo.
61 Ehlane, iBheti-araba, + iMidini, iSekaka,
62 iNibishani, iDolobha LikaSawoti ne-Eni-gedi +—amadolobha ayisithupha nemizi engaphansi kwawo.
63 Kepha amadoda akwaJuda awakwazanga ukuwaxosha + amaJebusi + ayehlala eJerusalema, + ngakho amaJebusi asahlala nabantu bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “elabelwa ngenkatho.”
^ Okuwukuthi, uLwandle Olufile.
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Okuwukuthi, uLwandle Olukhulu, iMedithera.
^ Okuwukuthi, uLwandle Olufile.
^ Noma, “eThafeni Lase-Akori.”
^ Noma, “eThafeni LamaRefa.”
^ Okuwukuthi, iMedithera.
^ Noma kungaba, “washaya izandla esembongolweni.”
^ Noma, “esiseNegebhi.”
^ Incazelo: “Izitsha Zamanzi.”
^ Noma kungaba, “iGedera nezibaya zalo zezimvu.”
^ Noma, “aseduze.”
^ Noma, “alizungezile.”
^ Okuwukuthi, iMedithera.