UMika 7:1-20
7 Maye kimi! Nginjengomuntu okuthiNgemva kokubuthwa kwezithelo zasehloboNangemva kokukhothoza okwenziwa ngemva kokuvunwa kwamagilebhisiAngatholi magilebhisi azowadla,Kungabi nakhiwane elivuthwe kuqala engilihalelayo.
2 Oqotho ushabalele emhlabeni;Akekho oqotho phakathi kwabantu. +
Bonke bacuthela ukuchitha igazi. +
Ngamunye uzingela umfowabo ngenethi.
3 Izandla zabo zingompetha ekwenzeni okubi; +Isikhulu sifuna izinto ngenkani,Umahluleli ufuna isifumbathiso, +Ovelele wenza izifiso zakhe zaziwe, +Futhi bayasebenzisana ekwenzeni lokhu.*
4 Ongcono kunabo bonke kubo unjengameva,Oqotho kunabo bonke kubo mubi kunothango lwameva.
Usuku lwabalindi bakho nolokwahlulelwa kwakho luyeza. +
Manje bazotatazela. +
5 Ungabi nokholo kumngane wakhoNoma uthembe umngane wakho omkhulu. +
Qapha okushoyo kulowo osuke elele esifubeni sakho.
6 Ngoba indodana idelela uyise,Indodakazi ivukela unina, +Umalokazana umelana noninazala; +Izitha zomuntu abantu bomndeni wakhe. +
7 Kodwa mina, ngizohlala ngibheke uJehova. +
Ngizomlinda ngesineke* uNkulunkulu wensindiso yami. +
UNkulunkulu wami uzongizwa. +
8 Ungajabuli ngami sitha* sami.
Nakuba ngiwile, ngizovuka;Nakuba ngihlala ebumnyameni, uJehova uzoba ukukhanya kwami.
9 Ulaka lukaJehova ngizoluthwala—Ngoba ngonile kuye +—Kuze kube yilapho esingatha icala lami angenzele ubulungisa.
Uyongikhiphela ekukhanyeni;Ngiyokubona ukulunga kwakhe.
10 Nesitha sami siyobona,Siyombozwa amahloni, sona esathi kimi:
“Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?” +
Amehlo ami ayosibuka.
Manje sizodovadovwa njengodaka ezitaladini.
11 Kuyoba usuku lokwakha izindonga zakho zamatshe;Ngalolo suku umngcele uyonwetshwa.*
12 Ngalolo suku bayofika kuweBevela e-Asiriya nasemadolobheni aseGibhithe,EGibhithe kuze kuyofika eMfuleni;*Olwandle kuze kuyofika kolunye ulwandle, nasezintabeni kuze kuyofika kwezinye izintaba. +
13 Izwe liyoba incithakalo ngenxa yabahlala kulo,Ngenxa yalokho abakwenzile.*
14 Yalusa abantu bakho ngenduku yakho, umhlambi wefa lakho, +Owawuhlala wodwa ehlathini—phakathi kwengadi yezithelo.
Mabadle* eBhashani naseGileyadi + njengasezinsukwini zakudala.
15 “Njengasezinsukwini owaphuma ngazo ezweni laseGibhithe,Ngizombonisa izinto ezimangalisayo. +
16 Izizwe ziyobona zibe namahloni naphezu kwawo wonke amandla azo. +
Ziyobeka isandla sazo emlonyeni wazo;Izindlebe zazo ngeke zizwe.
17 Ziyokhotha uthuli njengezinyoka; +Njengezilwane ezihuquzelayo zasemhlabeni, ziyophuma zithuthumela ezindaweni zazo ezivikelekile.
Ziyoza kuJehova uNkulunkulu wethu zivevezelaFuthi ziyokwesaba.” +
18 Ubani onguNkulunkulu onjengawe,Othethelela iphutha labasele befa lakhe + kanye nesiphambeko sabo? +
Ngeke athukuthele kuze kube phakadeNgoba ujabula ngothando oluqotho. +
19 Uzophinde asibonise isihe; + uzozinqoba* iziphambeko zethu.
Wena uzoziphonsa ekujuleni kolwandle zonke izono zabo. +
20 Uyobonisa ukwethembeka kuJakobe,Ubonise uthando oluqotho ku-Abrahama,Njengoba wafunga kokhokho bethu kusukela ezinsukwini zakudala. +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “bakweluka ndawonye.”
^ Noma, “Ngizobonisa isimo sengqondo sokumlinda.”
^ NgesiHebheru, igama elithi “isitha” lisebulilini besifazane.
^ Noma kungaba, “umyalo uyoba kude.”
^ Okuwukuthi, i-Ewufrathe.
^ NgesiHebheru, “Ngenxa yezithelo zezenzo zabo.”
^ Noma, “Mabaklabe.”
^ Noma, “uzozinyathela.”