Numeri 12:1-16
12 UMiriyamu no-Aroni bakhuluma kabi ngoMose ngenxa yomfazi ongumKushe ayemshadile, ngoba wayethathe umfazi ongumKushe. +
2 Babethi: “Ingabe uJehova ukhulume ngoMose kuphela? Akakhulumanga yini nangathi?” + UJehova wayelalele. +
3 UMose wayemnene ukubedlula kude bonke abantu *+ emhlabeni.
4 Kungazelelwe uJehova wathi kuMose no-Aroni noMiriyamu: “Phumani nobathathu niye etendeni lokuhlangana.” Ngakho baphuma bobathathu.
5 UJehova wehla ngensika yefu + wama emnyango wetende wayesebiza u-Aroni noMiriyamu. Bobabili baya ngaphambili.
6 Wabe esethi: “Ngicela nizwe amazwi ami. Ukube bekunomprofethi kaJehova phakathi kwenu, bengizozazisa kuye embonweni, + ngikhulume naye ngephupho. +
7 Kodwa akunjalo ngenceku yami uMose! Uphathiswe yonke indlu yami. *+
8 Ngikhuluma naye ubuso nobuso + ngokukhululekile, hhayi ngamazwi adidayo; futhi ubona ukubonakala kukaJehova. Pho kungani nina ningesabanga ukukhuluma kabi ngenceku yami, ukukhuluma kabi ngoMose?”
9 Ngakho intukuthelo kaJehova yabavuthela, wabashiya.
10 Ifu lasuka phezu kwetende, futhi uMiriyamu wayeshaywe ngochoko olumhlophe njengeqhwa. + U-Aroni waphendukela kuMiriyamu, wabona ukuthi wayeshaywe ngochoko. +
11 Ngokushesha u-Aroni wathi kuMose: “Ngiyakuncenga nkosi yami! Sicela ungasibaleli kithi lesi sono! Senze ngobuwula.
12 Siza, ungamyeki aqhubeke enjengofileyo, onyama yakhe idlekile lapho ezalwa!”
13 UMose waqala ukukhala kuJehova, wathi: “O Nkulunkulu, sicela umphulukise! Siyacela!” +
14 UJehova wamphendula uMose: “Ukube uyise ubengamkhafulela ebusweni ngokuqondile, ubengeke yini alulazeke izinsuku eziyisikhombisa? Makahlaliswe yedwa izinsuku eziyisikhombisa ngaphandle kwekamu, + ngemva kwalokho angangeniswa.”
15 Ngakho uMiriyamu wahlaliswa yedwa ngaphandle kwekamu izinsuku eziyisikhombisa, + abantu abazange basuke ekamu kwaze kwaba yilapho uMiriyamu engeniswa khona.
16 Ngemva kwalokho abantu basuka eHazeroti + bamisa amatende ehlane lasePharanu. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “wayethobeke kakhulu (enomoya omnene) ngaphezu kwabo bonke abanye abantu.”
^ NgesiHebheru, “Kuyo yonke indlu yami, uzibonakalisa ethembekile.”