Numeri 13:1-33
13 Manje uJehova wakhuluma noMose, wathi:
2 “Thuma amadoda ayohlola izwe laseKhanani engilinika ama-Israyeli. Kufanele uthume indoda eyodwa esizweni ngasinye sokhokho bayo, ngayinye eyisikhulu + phakathi kwaso.” +
3 Ngakho uMose wawathuma esuka ehlane lasePharanu + ngomyalo kaJehova. Wonke lawo madoda ayeyizinhloko zama-Israyeli.
4 Yilawa amagama awo: esizweni sakwaRubeni, uShamuwa indodana kaZakuri;
5 esizweni sakwaSimeyoni, uShafati indodana kaHori;
6 esizweni sakwaJuda, uKalebi + indodana kaJefune;
7 esizweni sakwa-Isakare, u-Igali indodana kaJosefa;
8 esizweni sakwa-Efrayimi, uHosheya + indodana kaNuni;
9 esizweni sakwaBhenjamini, uPhaliti indodana kaRafu;
10 esizweni sakwaZebhuloni, uGadiyeli indodana kaSodi;
11 esizweni sakwaJosefa, + wesizwe sakwaManase, + uGadidi indodana kaSusi;
12 esizweni sakwaDani, u-Amiyeli indodana kaGemali;
13 esizweni sakwa-Asheri, uSethuru indodana kaMikayeli;
14 esizweni sakwaNafetali, uNahibi indodana kaVofisi;
15 esizweni sakwaGadi, uGewuweli indodana kaMaki.
16 Lawa amagama amadoda uMose awathuma ukuba ayohlola izwe. UMose waqamba uHosheya indodana kaNuni ngokuthi uJoshuwa. *+
17 Lapho uMose ewathuma ukuba ayohlola izwe laseKhanani, wathi kuwo: “Khuphukani niye eNegebhi, bese nikhuphukela ezintabeni. +
18 Kumelwe nibone ukuthi izwe abahlala kulo linjani + nokuthi abantu abahlala kulo banamandla noma babuthakathaka, bambalwa noma baningi,
19 nokuthi izwe abahlala kulo lihle noma libi, nokuthi amadolobha abahlala kuwo angamakamu noma anezivikelo eziqinile.
20 Nibheke nokuthi izwe licebile* noma limpofu *+ kanye nokuthi linezihlahla noma cha. Kumelwe nibe nesibindi, + nithathe ezinye zezithelo zezwe.” Kwakuyinkathi yamagilebhisi okuqala avuthiwe. +
21 Ngakho akhuphuka, ahlola izwe kusukela ehlane laseZini + kuye eRehobe, + eduze kweLebo-hamati. *+
22 Lapho ekhuphukela eNegebhi, abe esefika eHebroni, + lapho kwakuhlala khona u-Ahimani, uSheshayi noTalimayi, + abangama-Anaki. + IHebroni lalakhiwe eminyakeni eyisikhombisa ngaphambi kweZowani laseGibhithe.
23 Lapho efika eSigodini* Sase-Eshikoli, + afike anqamula igatsha elalinehlukuzo elilodwa lamagilebhisi, okwadingeka ukuba amadoda amabili alitshathe ngogodo, kanye namanye amahalananda* namakhiwane. +
24 Abiza leyo ndawo ngokuthi iSigodi* Sase-Eshikoli, *+ ngenxa yehlukuzo ama-Israyeli alinqamula lapho.
25 Ekupheleni kwezinsuku ezingu-40 + abuya ekuhloleni izwe.
26 Abuyela kuMose no-Aroni nakuyo yonke inhlangano yama-Israyeli ehlane lasePharanu, eKadeshi. + Abuyisa umbiko kuyo yonke inhlangano, ababonisa nezithelo zezwe.
27 Yilokhu akubikela uMose: “Singenile ezweni osithume kulo, ngempela ligeleza ubisi noju, + nazi izithelo zalo. +
28 Noma kunjalo, abantu abahlala kuleliya zwe banamandla, namadolobha anezivikelo eziqinile makhulu kakhulu. Sibone nama-Anaki lapho. +
29 Ama-Amaleki + ahlala ezweni laseNegebhi, + amaHeti, amaJebusi + nama-Amori + ahlala ezintabeni, amaKhanani + ahlala ngasolwandle + naseceleni kweJordani.”
30 UKalebi wazama ukubehlisa umoya abantu njengoba bemi phambi kukaMose wathi: “Masikhuphukeni khona manje, nakanjani sizolithatha libe elethu ngoba ngokuqinisekile singalinqoba.” +
31 Kodwa amadoda ayekhuphuke naye athi: “Asikwazi ukukhuphuka siyomelana nalabo bantu ngoba banamandla kunathi.” +
32 Aqhubeka eletha umbiko omubi + kuma-Israyeli ngezwe ayelihlolile, ethi: “Izwe esiye salidabula silihlola liyizwe elishwabadela abantu abakhe kulo futhi bonke abantu esibabone kulo bade ngokungavamile. +
33 Sibone namaNefili lapho, amadodana ka-Anaki, + avela* kumaNefili, uma siqhathaniswa nawo saba njengezintethe, kithi kanye nakuwo.”
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “uJehoshuwa,” okusho ukuthi “UJehova Uyinsindiso.”
^ NgesiHebheru, “lizacile.”
^ NgesiHebheru, “linonile.”
^ Noma, “ekuqaleni kweHamati.”
^ Noma, “amahananadi.”
^ Noma, “eMhosheni.”
^ Noma, “uMhosha.”
^ Incazelo: “Ihlukuzo Lamagilebhisi.”
^ Noma, “ayinzalo.”