Numeri 3:1-51
3 Lolu kwakuwuzalo* luka-Aroni noMose mhla uJehova ekhuluma noMose eNtabeni iSinayi. +
2 Yilawa amagama amadodana ka-Aroni: uNadabi izibulo, u-Abhihu, + u-Eleyazare + no-Itamari. +
3 Lawa kwakungamagama amadodana ka-Aroni, abapristi abagcotshiwe, ayebekwe ukuba akhonze njengabapristi. +
4 Nokho, uNadabi no-Abhihu bafa phambi kukaJehova lapho benikela ngomlilo ongagunyaziwe phambi kukaJehova + ehlane laseSinayi, futhi abazange babe namadodana. Kodwa u-Eleyazare + no-Itamari + baqhubeka bengabapristi kanye no-Aroni uyise.
5 UJehova wabe esethi kuMose:
6 “Sondeza isizwe sakwaLevi, + usimise phambi kuka-Aroni umpristi, simkhonze. +
7 Kufanele sigcine isibopho saso kuye nakuyo yonke inhlangano phambi kwetende lokuhlangana ngokwenza inkonzo yaso yasetabernakele.
8 Kufanele sinakekele zonke izinto + zetende lokuhlangana, sigcine nesibopho saso kuma-Israyeli ngokwenza inkonzo yasetabernakele. +
9 AmaLevi kufanele uwanike u-Aroni namadodana akhe. Anikwe yena njengezipho ezivela kuma-Israyeli. +
10 Kufanele umise u-Aroni namadodana akhe, kufanele benze imisebenzi yabo yobupristi + futhi noma imuphi umuntu ongagunyaziwe* osondelayo kufanele abulawe.” +
11 UJehova waqhubeka ekhuluma noMose, wathi:
12 “Kodwa mina, ngithatha amaLevi phakathi kwama-Israyeli esikhundleni sawo wonke amazibulo* ama-Israyeli, + amaLevi azoba ngawami.
13 Ngoba wonke amazibulo angawami. + Ngosuku engabulala ngalo wonke amazibulo ezweni laseGibhithe, + ngazingcwelisela wonke amazibulo akwa-Israyeli kusukela kumuntu kuya esilwaneni. + Kufanele abe ngawami. NginguJehova.”
14 UJehova waqhubeka ekhuluma noMose ehlane laseSinayi, + wathi:
15 “Bhalisa amadodana akwaLevi ngokwezindlu zoyise nangokwemindeni yawo. Kufanele ubhalise bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu.” +
16 Ngakho uMose wawabhalisa ngokomyalo kaJehova, njengoba nje ayeyaliwe.
17 Lawa kwakungamagama amadodana kaLevi: uGereshoni, uKohati noMerari. +
18 Lawa kwakungamagama amadodana kaGereshoni ngokwemindeni yawo: uLibhini noShimeyi. +
19 Amadodana kaKohati ngokwemindeni yawo kwakungu-Amramu, u-Izihari, uHebroni no-Uziyeli. +
20 Amadodana kaMerari ngokwemindeni yawo kwakunguMaheli + noMushi. +
Lena kwakuyimindeni yamaLevi ngokwezindlu zoyise.
21 KuGereshoni kwavela umndeni wamaLibhini + nomndeni wamaShimeyi. Lena kwakuyimindeni yamaGereshoni.
22 Sebebonke abesilisa ababhalisiwe kubo ababenenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu babengu-7 500. +
23 Imindeni yamaGereshoni yayimise amatende ngemva kwetabernakele + ngasentshonalanga.
24 Isikhulu sezindlu zoyise samaGereshoni kwakungu-Eliyasafa indodana kaLayeli.
25 Umsebenzi wamadodana kaGereshoni + etendeni lokuhlangana kwakuwukunakekela itabernakele netende, + isembozo salo, + ikhethini *+ lomnyango wetende lokuhlangana,
26 amakhethini alengayo + egceke, ikhethini *+ lesango legceke elizungeze itabernakele ne-altare, izintambo zalo zetende, nayo yonke inkonzo ehlobene nalezi zinto.
27 KuKohati kwavela umndeni wama-Amramu, umndeni wama-Izihari, umndeni wamaHebroni nomndeni wama-Uziyeli. Lena kwakuyimindeni yamaKohati. +
28 Sebebonke abesilisa abanenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu babengu-8 600; umsebenzi wabo kwakuwukunakekela indawo engcwele. +
29 Imindeni yamadodana kaKohati yayimise amatende ohlangothini oluseningizimu lwetabernakele. +
30 Isikhulu sezindlu zoyise semindeni yamaKohati kwakungu-Elizafani indodana ka-Uziyeli. +
31 Imisebenzi yayo kwakuwukunakekela uMphongolo, + itafula, + uthi lwesibani, + ama-altare, + izinto + ezazisetshenziselwa ukukhonza endaweni engcwele, ikhethini *+ nayo yonke inkonzo ehlobene nalezi zinto. +
32 Isikhulu esiyinhloko samaLevi kwakungu-Eleyazare + indodana ka-Aroni umpristi, owayengamele labo ababenza imisebenzi yendawo engcwele.
33 KuMerari kwavela umndeni wamaMaheli nomndeni wamaMushi. Lena kwakuyimindeni kaMerari. +
34 Sebebonke abesilisa ababhalisiwe ababenenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu babengu-6 200. +
35 Isikhulu sezindlu zoyise semindeni kaMerari kwakunguZuriyeli indodana ka-Abhihayili. Babemise amatende ohlangothini olungasenyakatho lwetabernakele. +
36 Umsebenzi wamadodana kaMerari kwakuwukwengamela izinhlaka zamapulangwe + zetabernakele, izingodo zalo, + izinsika zalo, + izisekelo zalo ezinezimbobo, zonke izinto zalo + nayo yonke inkonzo ehlobene nalezi zinto, +
37 kanye nezinsika ezazizungeze igceke, izisekelo zazo ezinezimbobo, + izikhonkwane zazo zetende nezintambo zazo zetende.
38 Labo ababemise amatende abo phambi kwetabernakele ngasempumalanga, phambi kwetende lokuhlangana ngalapho kuphuma khona ilanga, kwakunguMose no-Aroni namadodana akhe. Babenomthwalo wokunakekela indlu engcwele, njengesibopho ngenxa yama-Israyeli. Noma yimuphi umuntu ongagunyaziwe* osondelayo wayeyobulawa. +
39 Bonke abesilisa abangamaLevi abanenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu, ababebhaliswe uMose no-Aroni ngokwemindeni yabo ngomyalo kaJehova babengu-22 000.
40 UJehova wabe esethi kuMose: “Bhalisa bonke abesilisa abangamazibulo kuma-Israyeli kusukela kwabanenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu, + ubabale bese ubhala amagama abo.
41 Kumelwe ungithathele amaLevi—nginguJehova—esikhundleni sawo wonke amazibulo ama-Israyeli, + uthathe nezilwane ezifuywayo zamaLevi esikhundleni sawo wonke amazibulo ezilwane ezifuywayo zama-Israyeli.” +
42 UMose wawabhalisa wonke amazibulo aphakathi kwama-Israyeli, njengoba nje uJehova ayemyalile.
43 Sebebonke abesilisa abangamazibulo ababebhaliswe ngamagama kusukela kwabanenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu babengu-22 273.
44 UJehova waqhubeka ekhuluma noMose, wathi:
45 “Thatha amaLevi esikhundleni sawo wonke amazibulo phakathi kwama-Israyeli, uthathe nezilwane ezifuywayo zamaLevi esikhundleni sezilwane zawo ezifuywayo, amaLevi kumelwe abe ngawami. NginguJehova.
46 Njengenani lesihlengo + labangu-273 emazibulweni ama-Israyeli, abedlula inani lamaLevi, +
47 kufanele uthathe amashekeli* amahlanu ngomuntu ngamunye, + ngokweshekeli elivamile lendawo engcwele.* Ishekeli lingamagera* angu-20. +
48 Le mali kufanele uyinike u-Aroni namadodana akhe njengenani lesihlengo lalabo abedlula inani lawo.”
49 Ngakho uMose wayithatha le mali yenani lesihlengo kulabo ababedlula inani lesihlengo lamaLevi.
50 Wayithatha le mali emazibulweni ama-Israyeli, amashekeli angu-1 365, ngokweshekeli elivamile lendawo engcwele.
51 Ngemva kwalokho uMose wayinika u-Aroni namadodana akhe le mali yenani lesihlengo ngokwezwi* likaJehova, njengoba nje uJehova ayemyalile uMose.
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “kwakuyizizukulwane.”
^ NgesiHebheru, “noma yisiphi isihambi,” okuwukuthi, umuntu ongeyena owomndeni ka-Aroni.
^ NgesiHebheru, “wonke amazibulo avula isizalo.”
^ Noma, “isihenqo.”
^ Noma, “isihenqo.”
^ Noma, “isihenqo.”
^ NgesiHebheru, “Noma yisiphi isihambi,” okuwukuthi, umuntu ongeyena umLevi.
^ Ishekeli lalilingana no-11,4 g. Bheka iSithasiselo B14.
^ Noma, “ngokweshekeli elingcwele.”
^ Igera lalilingana no-0,57 g. Bheka iSithasiselo B14.
^ NgesiHebheru, “ngokomlomo.”