Numeri 30:1-16

  • Izifungo zabesilisa (1, 2)

  • Izifungo zabesifazane namadodakazi (3-16)

30  Ngemva kwalokho uMose wakhuluma nezinhloko + zezizwe zakwa-Israyeli, wathi: “Nakhu uJehova akuyalile:  Uma umuntu enza isithembiso + kuJehova noma enza isifungo + sokuzila into ethile, kumelwe alifeze izwi lakhe. + Kufanele akwenze konke akuthembisile. +  “Uma owesifazane enza isithembiso kuJehova noma enza isithembiso sokuzila into ethile lapho esemusha futhi ehlala endlini kayise,  bese uyise esizwa isithembiso sakhe noma isithembiso sakhe sokuzila into ethile asenzile, kodwa uyise angasiphikisi, zonke izithembiso zakhe ziyombopha futhi zonke izithembiso zakhe zokuzila okuthile azenzile ziyombopha.  Kodwa uma uyise emnqabela lapho ezwa ukuthi wenze izithembiso noma izithembiso zokuzila into ethile, ngeke zimbophe. UJehova uyomthethelela ngoba uyise umenqabele. +  “Nokho, uma kwenzeka eshada esengaphansi kwesithembiso sakhe noma isithembiso asenze ngokuphamazela  bese umyeni wakhe ezwa ngaso kodwa angasiphikisi ngosuku asizwa ngalo, izithembiso zakhe noma izithembiso zakhe azenzile zokuzila into ethile ziyombopha.  Kodwa uma umyeni wakhe emenqabela ngosuku asizwa ngalo, angase asenze sibe yize leso sithembiso noma isithembiso asenze ngokuphamazela + futhi uJehova uyomthethelela.  “Kodwa uma umfelokazi noma owesifazane odivosile enza isithembiso, zonke izithembiso azenzile ziyombopha. 10  “Nokho, uma owesifazane enza isithembiso noma isithembiso sokuzila into ethile 11  futhi umyeni wakhe esizwile kodwa wangasiphikisa noma wangamenqabela, zonke izithembiso zakhe ziyombopha, nanoma yisiphi isithembiso sokuzila into ethile asenzile siyombopha. 12  Kodwa uma umyeni wakhe ezenze zaba yize ngokuphelele ngosuku ezwa ngalo noma yiziphi izithembiso zakhe noma isithembiso sokuzila into ethile afunge ukuthi uzosenza, ngeke zimbophe. + Umyeni wakhe uzenze zaba yize futhi uJehova uyomthethelela. 13  Mayelana nanoma yisiphi isithembiso nanoma yisiphi isifungo esihlanganisa isithembiso sokuzila into ethile ngenjongo yokuzincisha, umyeni wakhe kufanele anqume ukuthi uzosifeza yini isithembiso sakhe noma kufanele asenze sibe yize. 14  Kodwa uma umyeni wakhe engasiphikisi nhlobo usuku nosuku, usemvumele ukuba afeze zonke izithembiso zakhe noma zonke izithembiso zakhe zokuzila into ethile eziphezu kwakhe futhi kufanele azifeze. Umvumele ukuba enze lokhu ngoba akaziphikisanga ngosuku amuzwa ngalo ezenza. 15  Kodwa uma kamuva ezenza zibe yize, ngemva kwesikhathi esithile kudlule usuku azizwa ngalo, umyeni wakhe uyothwala imiphumela yecala lomkakhe. + 16  “Lezi yiziqondiso uJehova ayala ngazo uMose eziphathelene nendoda nomkayo, neziphathelene nobaba nendodakazi yakhe eseyintsha ehlala endlini yakhe.”

Imibhalo yaphansi