Numeri 35:1-34
35 UJehova waqhubeka wakhuluma noMose emathafeni awugwadule akwaMowabi ngaseJordani + eJeriko, wathi:
2 “Tshela ama-Israyeli ukuthi kufanele anike amaLevi amadolobha azohlala kuwo emafeni azowathola, + futhi kufanele anike amaLevi amadlelo nxazonke zalawo madolobha. +
3 Ayohlala kulawo madolobha, amadlelo abe awemfuyo yawo, awezimpahla zawo nazo zonke ezinye izilwane zawo.
4 Amadlelo amadolobha eniyowanika amaLevi ayoba izingalo* ezingu-1 000 ukusuka odongeni kuzungeze idolobha.
5 Kufanele nikale izingalo ezingu-2 000 ngaphandle kwedolobha ohlangothini olusempumalanga, izingalo ezingu-2 000 ohlangothini oluseningizimu, izingalo ezingu-2 000 ohlangothini olusentshonalanga nezingalo ezingu-2 000 ohlangothini olusenyakatho, idolobha libe maphakathi. Lawo kuyoba amadlelo amadolobha awo.
6 “AmaLevi niyowanika amadolobha esiphephelo ayisithupha, + eniyowanika wona ukuze umbulali abalekele kuwo, + kanye namanye amadolobha angu-42.
7 Esewonke amadolobha eniyowanika amaLevi ayoba ngu-48, kanye namadlelo awo. +
8 Amadolobha eniyowanika wona ayovela efeni lama-Israyeli. + Eqenjini elikhulu niyothatha amadolobha amaningi, eqenjini elincane niyothatha ambalwa. + Iqembu ngalinye liyonikeza amaLevi amanye amadolobha alo kuye ngefa elilitholayo.”
9 UJehova waqhubeka wathi kuMose:
10 “Khuluma nama-Israyeli, uthi kuwo, ‘Niwela iJordani niya ezweni laseKhanani. +
11 Kufanele nikhethe amadolobha ayonilungela ayoba amadolobha esiphephelo, okuyobalekela kuwo umbulali obulale othile* engahlosile. +
12 La madolobha ayoba isiphephelo kini kumuntu ophindiselela umufi + ukuze umbulali angafi kuze kube yilapho kuqulwa icala lakhe phambi kwenhlangano. +
13 Amadolobha ayisithupha eniyowanika wona ayofeza leyo njongo.
14 Niyowanika amadolobha amathathu nganeno kweJordani, + namadolobha amathathu ezweni laseKhanani + ukuze abe amadolobha esiphephelo.
15 La madolobha ayisithupha ayoba isiphephelo kuma-Israyeli, kumuntu oyisifiki + nowakwelinye izwe ohlala phakathi kwawo, ukuze noma ubani obulala othile engahlosile abalekele kuwo. +
16 “‘Kodwa uma emshaye ngento eyinsimbi wafa, ungumbulali. Lo mbulali kufanele nakanjani abulawe. +
17 Uma emshaye ngetshe elingase limbulale wabe esefa, ungumbulali. Lo mbulali kufanele nakanjani abulawe.
18 Uma emshaye ngento eyenziwe ngokhuni engase imbulale wabe esefa, ungumbulali. Lo mbulali kufanele nakanjani abulawe.
19 “‘Umuntu ophindiselela umufi nguye oyobulala umbulali. Lapho ehlangana naye, uyombulala.
20 Uma efe ngoba emsunduze ngenxa yokuthi ubemzonda noma emjikijele ngento ethile ehlose okubi, *+
21 noma emshaye ngesandla ngenxa yenzondo wabe esefa, lowo omshayile uyobulawa nakanjani. Ungumbulali. Umuntu ophindiselela umufi uyombulala umbulali lapho ehlangana naye.
22 “‘Kodwa uma emsunduze kungalindelekile futhi engamzondi noma ephonse into ethile kuye engahlose bubi, *+
23 noma uma engambonanga futhi wawisela itshe phezu kwakhe ebe engesona isitha sakhe futhi engahlose kumlimaza, wabe esefa,
24 inhlangano kufanele yahlulele phakathi komuntu omshayile nomuntu ophindiselela umufi ngokuvumelana nalezi zahlulelo. +
25 Ngemva kwalokho inhlangano kufanele imsindise lowo mbulali kumuntu ophindiselela umufi, imbuyisele edolobheni lesiphephelo ayebalekele kulo, ahlale kulo kuze kufe umpristi ophakeme owagcotshwa ngamafutha angcwele. +
26 “‘Kodwa uma lowo mbulali ephumela ngaphandle komngcele wedolobha lesiphephelo ayebalekele kulo,
27 umuntu ophindiselela umufi amthole engaphandle komngcele wedolobha lesiphephelo, bese embulala lo mbulali, akanalo icala legazi.
28 Ngoba kufanele ahlale edolobheni lesiphephelo kuze kufe umpristi ophakeme. Kodwa ngemva kokufa kompristi ophakeme, umbulali angabuyela endaweni yakhe. +
29 Lezi zinto ziyoba umthetho wokwahlulela kini kuzo zonke izizukulwane zenu kuzo zonke izindawo enihlala kuzo.
30 “‘Noma ubani obulala umuntu kufanele abulawe njengombulali + ngobufakazi* bofakazi abaningi; + kodwa akekho umuntu oyobulawa ngobufakazi bomuntu oyedwa.
31 Akumelwe nithathe isihlengo ngokuphila kombulali ofanelwe ukufa ngoba kufanele nakanjani abulawe. +
32 Akumelwe nithathe isihlengo somuntu obalekele edolobheni lakhe lesiphephelo, ukuze aphinde ahlale endaweni yakhe ngaphambi kokufa kompristi ophakeme.
33 “‘Akumelwe ningcolise izwe enihlala kulo ngoba igazi liyalingcolisa izwe, + futhi ngeke kube khona ukuhlawulelwa ngegazi eliye lachithwa ezweni ngaphandle kokuba kuhlawulelwe ngegazi lalowo olichithile. +
34 Akumelwe ningcolise izwe enihlala kulo, engihlala kulo nami; ngoba mina Jehova ngihlala phakathi kwabantu bakwa-Israyeli.’” +
Imibhalo yaphansi
^ Ingalo eyayilingana no-44,5 cm. Bheka iSithasiselo B14.
^ Noma, “umphefumulo.”
^ NgesiHebheru, “ethile emcuthele.”
^ NgesiHebheru, “kuye engazange amcuthele.”
^ NgesiHebheru, “ngomlomo.”