Numeri 36:1-13
-
Umthetho ophathelene nomshado wezindlalifa zesifazane (1-13)
36 Izinhloko zemindeni yabantwana bakwaGileyadi indodana kaMakiri + indodana kaManase wemindeni yabantwana bakwaJosefa zasondela zakhuluma phambi kukaMose nezikhulu, izinhloko zemindeni yama-Israyeli.
2 Zathi: “UJehova wayala inkosi yami ukuba yabele ama-Israyeli izwe ngenkatho; + futhi inkosi yami yayalwa uJehova ukuba ifa likamfowethu uZelofehadi ilinike amadodakazi akhe. +
3 Uma eshada amadoda akwesinye isizwe sakwa-Israyeli, ifa lalaba besifazane liyokhishwa efeni lobaba linezelwe efeni lesizwe abayokuba ngabaso, liyokhishwa efeni lethu elalabiwe ngenkatho.
4 Manje ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli beba neJubili, + ifa lalaba besifazane liyokwenezelwa efeni lesizwe abayobe sebengabaso, ifa labo liyokhishwa efeni lesizwe soyise.”
5 UMose wayala ama-Israyeli ngomyalo kaJehova, wathi: “Lokhu okushiwo isizwe sabantwana bakwaJosefa kuyiqiniso.
6 Nanti izwi uJehova aliyalile ngamadodakazi kaZelofehadi: ‘Angashada nanoma ubani amthandayo. Nokho, kufanele ashade nomuntu osemndenini wesizwe soyise.
7 Alikho ifa lama-Israyeli okufanele lisuke kwesinye isizwe liye kwesinye, ngoba ama-Israyeli kufanele aligcine ifa lesizwe sokhokho bawo.
8 Wonke amadodakazi anefa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli kufanele ashadele esizweni soyise, + ukuze ama-Israyeli agcine ifa lokhokho bawo.
9 Alikho ifa okufanele lisuke kwesinye isizwe liye kwesinye ngoba izizwe zakwa-Israyeli kufanele zigcine ifa lazo.’”
10 Amadodakazi kaZelofehadi enza njengoba nje uJehova ayemyalile uMose. +
11 Ngakho uMahila, uTiriza, uHogila, uMilka noNowa, amadodakazi kaZelofehadi, + bashada namadodana abafowabo bakayise.
12 Baba abafazi bamadoda emindeni yakwaManase indodana kaJosefa, ukuze ifa labo liqhubeke lisesizweni somndeni kayise.
13 Leyo imiyalo nezinqumo zokwahlulela uJehova azinika ama-Israyeli ngoMose emathafeni awugwadule akwaMowabi ngaseJordani eJeriko. +