U-Obadiya 1:1-21

  • U-Edomi oqhoshayo uyokwehliswa (1-9)

  • Ubudlova u-⁠Edomi abenza kuJakobe (10-14)

  • Usuku lukaJehova ngokumelene nazo zonke izizwe (15, 16)

  • Indlu kaJakobe iyovuselelwa (17-21)

    • U-Edomi uyoshwabadelwa uJakobe (18)

    • Ubukhosi buyoba obukaJehova (21)

 Umbono ka-Obadiya:* Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo ngo-Edomi: + “Sizwe umbiko ovela kuJehova,Kuthunyelwe isithunywa phakathi kwezizwe: ‘Vukani, masilungele ukuyolwa naye.’ ” +   “Ngikwenze waba mncane phakathi kwezizwe;Udeleleke kakhulu. +   Ukugabadela kwenhliziyo yakho kukukhohlisile, +Wena ohlala endaweni yokucasha esedwaleni,Ohlala endaweni ephakeme, uthi enhliziyweni yakho,‘Ubani oyongehlisela phansi emhlabeni?’   Ngisho noma wenza indawo yakho iphakame* njengokhoziNoma ubeka isidleke sakho phakathi kwezinkanyezi,Ngiyokwehlisa lapho,” kusho uJehova.   “Ukube bekungafika amasela kuwe, kufike izigebengu ebusuku,(Yeka indlela obuyoqothulwa ngayo!)* Bebengeke yini bantshontshe lokho abakufunayo kuphela? Noma ukube bekungafika abavuni bamagilebhisi kuwe,Bebengeke yini bashiye amanye ukuze kukhothozwe? +   Yeka indlela u-Esawu afunisiswe ngayo! Yeka indlela ingcebo yakhe efihliwe ecingisiswe ngayo!   Bakuxoshile bakuyisa emngceleni. Bonke abangane bakho* bakukhohlisile. Amadoda anokuthula nawe akunqobile. Labo abadla nawe isinkwa bayobeka inethi ngaphansi kwakho,Kodwa wena uyofana nomuntu ongenakho ukuqonda.   Ngalolo suku,” kusho uJehova,“Ngeke yini ngibabhubhise abahlakaniphile kwa-Edomi +Nokuqonda ezintabeni zakwa-Esawu?   Amaqhawe akho ayokwesaba kakhulu, + Themani, +Ngoba iqhawe ngalinye ezintabeni zakwa-Esawu liyobhujiswa. + 10  Ngenxa yobudlova obenziwa kumfowenu uJakobe, +Uyohlazeka kakhulu, +Ushabalale unomphela. + 11  Ngosuku owamela ngalo eceleni,Ngosuku izihambi ezathumba ngalo ibutho lakhe, +Lapho abantu bezinye izizwe bengena esangweni lakhe benza inkatho + ngeJerusalema,Wenza ububi obufana nobabo. 12  Akufanele uluhleke usuku umfowenu ehlelwa ngalo ishwa, +Akufanele ujabule ngabantu bakwaJuda ngosuku lokushabalala kwabo, +Akufanele ubenze inhlekisa ngosuku lwabo lokucindezeleka. 13  Akufanele ungene esangweni labantu bami ngosuku lwenhlekelele yabo, +Akufanele uhleke usuku ehlelwe ngalo inhlekelele,Akufanele ubeke izandla zakho engcebweni yakhe ngosuku lwenhlekelele yakhe. + 14  Akufanele ume empambanweni yemigwaqo ukuze ubulale abaphunyukile bakhe, +Akufanele unikele ngabasindile bakhe ngosuku losizi. + 15  Ngoba luseduze usuku lukaJehova lokumelana nazo zonke izizwe. + Indlela owenze ngayo, kuyokwenziwa ngayo nakuwe. + Indlela ophathe ngayo abanye, nawe uyophathwa ngayo. 16  Ngoba indlela eniphuze ngayo entabeni yami engcwele,Zonke izizwe ziyoqhubeka ziphuza ngayo njalo. + Ziyophuza ziminye,Kube sengathi azikaze zibe khona. 17  Kodwa abaphunyukile bayoba seNtabeni iZiyoni, +Iyoba ngcwele; +Indlu kaJakobe iyothatha izinto zabo. + 18  Indlu kaJakobe iyoba umlilo,Indlu kaJosefa ibe ilangabi,Indlu ka-Esawu ibe njengezinhlanga;Bayozithungela ngomlilo bazishwabadele,Akekho oyosinda endlini ka-Esawu, +Ngoba uJehova ngokwakhe ukhulumile. 19  Bayothatha iNegebhi nezintaba zika-Esawu, +Bathathe iShefela nezwe lamaFilisti. + Bayothatha indawo ka-Efrayimi nendawo yaseSamariya, +UBhenjamini uyothatha iGileyadi. 20  Abadingisiwe bakule ndawo enesivikelo esiqinile, +Okungabantu bakwa-Israyeli, bayothatha izwe lamaKhanani kuze kufike eZarefati. + Abadingisiwe baseJerusalema, ababeseSefaradi, bayothatha amadolobha aseNegebhi. + 21  Abasindisi bayokhuphukela eNtabeni iZiyoniUkuze bahlulele izintaba zika-Esawu, +Ubukhosi buyoba obukaJehova.” +

Imibhalo yaphansi

Incazelo: “Inceku KaNkulunkulu.”
Noma kungaba, “undizela phezulu.”
Noma kungaba, “Bebeyobhubhisa kangakanani?”
Noma, “abasesivumelwaneni nawe.”