KwabaseRoma 3:1-31
3 Pho ungcono ngani umJuda, noma, iyini inzuzo yokusoka?
2 Ungcono kakhulu ngazo zonke izindlela. Okokuqala, ngokuthi waphathiswa amazwi angcwele kaNkulunkulu. +
3 Kuthiwani ngamanye amaJuda angenalo ukholo? Uma engenalo ukholo, ingabe abantu ngeke besamethemba uNkulunkulu?
4 Akunjalo neze! Kodwa uNkulunkulu makatholakale eneqiniso, + nakuba wonke umuntu engatholakala engumqambimanga, + njengoba nje kulotshiwe: “Ukuze ubonakaliswe ulungile emazwini akho futhi unqobe lapho wahlulelwa.” +
5 Nokho, uma ukungalungi kwethu kwenza ukulunga kukaNkulunkulu kugqame, sizothini? UNkulunkulu akabi ongenabulungisa lapho eveza ulaka lwakhe, akunjalo? (Ngikhulumisa okwabantu.)
6 Lokho akunakwenzeka! Uma uNkulunkulu engenabulungisa, uyolahlulela kanjani izwe? +
7 Kodwa uma ngenxa yamanga ami iqiniso likaNkulunkulu liye lenziwa lavelela ngokwengeziwe kwaba inkazimulo kuye, kungani-ke ngahlulelwa njengesoni?
8 Kungani kungashiwo njengoba nje abanye abantu beqamba amanga bethi sithi, “Masenze izinto ezimbi ukuze kuvele izinto ezinhle”? Labo bantu bayokwahlulelwa ngobulungisa. +
9 Ingabe lokho kusho ukuthi sisesimweni esingcono? Phinde! Ngoba ngenhla sithe amaJuda namaGreki bonke bangaphansi kwesono; +
10 njengoba nje kulotshiwe: “Akekho umuntu olungile, akekho ngisho noyedwa; +
11 akekho onokuqonda; akekho ofuna uNkulunkulu.
12 Bonke abantu baphambukile, bonke baye baba yize; akekho obonisa umusa, akekho ngisho noyedwa.” +
13 “Umphimbo wabo uyithuna elivulekile; bakhohlisile ngolimi lwabo.” + “Ubuthi bezimfezi busezindebeni zabo.” +
14 “Umlomo wabo ugcwele ukuqalekisa nokubaba.” +
15 “Izinyawo zabo ziyashesha ukuyochitha igazi.” +
16 “Ukucekela phansi nokubhubhisa kusezindleleni zabo,
17 abayazanga indlela yokuthula.” +
18 “Abamesabi uNkulunkulu.” +
19 Manje siyazi ukuthi zonke izinto uMthetho ozishoyo uzibhekisa kulabo abangaphansi koMthetho, ukuze yonke imilomo ivalwe futhi lonke izwe libe necala phambi kukaNkulunkulu. +
20 Ngakho-ke ngenxa yemisebenzi yomthetho akukho muntu okuyothiwa ulungile phambi kwakhe, + ngoba ngomthetho kuba khona ulwazi olunembile ngesono. +
21 Kodwa manje ukulunga kukaNkulunkulu kuye kwembulwa ngaphandle komthetho, + njengoba uMthetho nabaProfethi kukufakazela lokho, +
22 yebo, ukulunga kukaNkulunkulu ngokholo kuJesu Kristu, kubo bonke abanokholo. Ngoba awukho umehluko. +
23 Ngoba bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu, +
24 futhi kunjengesipho sesihle + ukuthi ngomusa wakhe omkhulu kuthiwa balungile + ngokukhululwa ngesihlengo esakhokhwa uKristu Jesu. +
25 UNkulunkulu wamletha waba umnikelo wokuhlawulela + ngokholo egazini lakhe. + Lokhu kwakungenjongo yokuba abonise ukulunga kwakhe siqu, ngoba uNkulunkulu ngenxa yokubekezela kwakhe wayethethelela izono ezenzeka esikhathini esidlule.
26 Lokhu kwakungenjongo yokuba abonise ukulunga kwakhe siqu + kule nkathi yamanje, ukuze abe ngolungile ngisho nalapho ethi ulungile umuntu onokholo kuJesu. +
27 Kuphi-ke ukuziqhayisa? Ayikho indawo yako. Ngamuphi umthetho? Wemisebenzi? + Lutho neze, kodwa ngomthetho wokholo.
28 Ngoba sithi umuntu kuthiwa ulungile ngokholo ngaphandle kwemisebenzi yomthetho. +
29 Noma ingabe unguNkulunkulu wamaJuda kuphela? + Akayena yini noNkulunkulu wabantu bezizwe? + Yebo, ungowabantu bezizwe futhi. +
30 Njengoba uNkulunkulu emunye, + uyothi balungile abantu abasokile + ngenxa yokholo, athi balungile + abantu abangasokile ngenxa yokholo lwabo.
31 Khona-ke, ingabe thina siyawuqeda umthetho ngokholo lwethu? Lutho neze! Ngokuphambene nalokho, siyawusekela umthetho. +