KwabaseRoma 6:1-23
6 Pho sizothini? Ingabe kufanele siqhubeke esonweni ukuze kwande umusa omkhulu?
2 Akunjalo neze! Njengoba safa ngokuqondene nesono, + singaqhubeka kanjani siphila kuso? +
3 Noma anazi yini ukuthi sonke esabhapathizelwa kuKristu Jesu + sabhapathizelwa ekufeni kwakhe? +
4 Ngakho sangcwatshwa kanye naye ngokubhapathizelwa ekufeni kwakhe, + ukuze kuthi, njengoba nje uKristu avuswa kwabafile ngenkazimulo kaYise, nathi sihambe ekuphileni okusha. +
5 Ngoba uma siye saba munye naye esimweni sokufa kwakhe, + ngokuqinisekile siyophinde sibe munye naye esimweni sovuko lwakhe. +
6 Ngoba siyazi ukuthi ubuntu bethu obudala babethelwa esigxotsheni kanye naye + ukuze umzimba wethu onesono wenziwe buthaka, + ukuze singabe sisaqhubeka siyizigqila zesono. +
7 Ngoba lowo ofile ukhululiwe* esonweni sakhe.
8 Ngaphezu kwalokho, uma siye safa kanye noKristu, sikholelwa ukuthi siyophila kanye naye futhi.
9 Ngoba siyazi ukuthi uKristu, njengoba esevusiwe kwabafile, + akasafi; + ukufa akuseyona inkosi phezu kwakhe.
10 Ngoba ekufeni kwakhe, wafa kanye kwaba kuphela ukuze asule isono, + kodwa ukuphila akuphilayo, uphilela uNkulunkulu.
11 Ngokufanayo nani, zibhekeni njengabafile ngokuqondene nesono kodwa njengabaphilayo ngokuqondene noNkulunkulu ngoKristu Jesu. +
12 Ngakho-ke ningasivumeli isono ukuba siqhubeke sibusa njengenkosi emizimbeni yenu efayo + ngenjongo yokuba nilalele izifiso zayo.
13 Futhi ningaqhubeki ninikela imizimba* yenu esonweni njengezikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni kuNkulunkulu njengabaphilayo bevela kwabafile, nemizimba* yenu kuNkulunkulu njengezikhali zokulunga. +
14 Ngoba isono akumelwe sibe yinkosi phezu kwenu, njengoba ningekho ngaphansi komthetho + kodwa ningaphansi komusa omkhulu. +
15 Yini elandelayo? Ingabe sizokwenza isono ngenxa yokuthi asikho ngaphansi komthetho kodwa singaphansi komusa omkhulu? + Akunjalo neze!
16 Anazi yini ukuthi uma nizinikela kunoma ubani njengezigqila ezilalelayo, niyizigqila zalowo enimlalelayo, + kungaba ezesono + esiholela ekufeni + noma ezokulalela okuholela ekulungeni?
17 Kodwa makabongwe uNkulunkulu ngokuthi nakuba nake naba yizigqila zesono, nalulalela ngokusuka enhliziyweni lolo hlobo lwemfundiso enanikelwa kulo.
18 Yebo, njengoba nakhululwa esonweni, + naba izigqila zokulunga. +
19 Ngisebenzisa amazwi aqondwa abantu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu; ngoba njengoba nje nanikela amalunga enu aba izigqila zokungcola nobubi ukuze nenze okubi, manje nikelani amalunga enu abe izigqila zokulunga nenze okungcwele. +
20 Ngoba ngesikhathi niseyizigqila zesono, nanikhululekile ngokuqondene nokulunga.
21 Sasiyini-ke isithelo enanisikhiqiza ngaleso sikhathi? Izinto eninamahloni ngazo manje. Ngoba isiphetho salezo zinto ukufa. +
22 Nokho, ngenxa yokuthi senakhululwa esonweni naba izigqila zikaNkulunkulu, nikhiqiza isithelo senu esiwubungcwele, + lokho kuholela ekuphileni okuphakade. +
23 Ngoba inkokhelo yesono ukufa, + kodwa isipho uNkulunkulu asinikezayo ukuphila okuphakade + ngoKristu Jesu iNkosi yethu. +