UmShumayeli 6:1-12
6 Kukhona nenye inhlekelele engiyibonile phansi kwelanga futhi ivamile kubantu:
2 UNkulunkulu weqiniso unika umuntu ingcebo nodumo ukuze angasweli lutho alufisayo; nokho uNkulunkulu weqiniso akamenzi akwazi ukukujabulela, nakuba umuntu oyisihambi engase akujabulele. Lokhu kuyize nokuhlupheka okukhulu.
3 Uma umuntu engazala abantwana abayikhulu, aphile iminyaka eminingi aze aguge, kodwa angazijabuleli izinto zakhe ezinhle ngaphambi kokuba aye ethuneni,* mangisho ukuthi ingane ezalwe isishonile ingcono kakhulu kunaye. +
4 Ngoba ukuzalwa kwayo bekuyize, yafela ebumnyameni, negama layo limbozwe ubumnyama.
5 Ngisho noma ingakaze ilibone ilanga noma ingazanga lutho, isengcono kakhulu kunalowo muntu. +
6 Kunanzuzoni ukuphila iminyaka eyizinkulungwane ezimbili kodwa ungayitholi injabulo? Abayi yini endaweni efanayo bonke? +
7 Wonke umsebenzi onzima womuntu uwukuba agcwalise isisu sakhe; + kodwa akasuthi.
8 Unanzuzoni ohlakaniphile kunoyisiphukuphuku, + noma kuzuzisa ngani ukuthi umuntu ohluphekayo uyakwazi ukuziphilisa?
9 Kungcono ukujabulela izinto amehlo azibonayo kunokufisa izinto ongeke ube nazo. Nalokhu futhi kuyize, ukugijimisa umoya.
10 Noma yini ekhona isinalo kakade igama, futhi kuyaziwa ukuthi umuntu uyini; akakwazi ukuphikisana* nomuntu onamandla kunaye.
11 Lapho kunamazwi* amaningi, kukhona izinto eziningi eziyize, futhi zimzuzisa ngani umuntu?
12 Ubani owaziyo ukuthi yini engcono kakhulu ngomuntu ukuba ayenze phakathi nezinsuku ezimbalwa zokuphila kwakhe okuyize akuchitha njengethunzi? + Ngoba ubani ongatshela umuntu ukuthi yini ezokwenzeka phansi kwelanga lapho engasekho?
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ithuna lingakabi elakhe.”
^ Noma, “ukumela udaba lwakhe.”
^ Noma kungaba, “kunezinto.”