UZakariya 6:1-15
6 Ngaphinde ngaphakamisa amehlo ami ngabona izinqola ezine ziphuma phakathi kwezintaba ezimbili, lezi zintaba kwakungezethusi.
2 Inqola yokuqala yayidonswa amahhashi abomvu, inqola yesibili idonswa amahhashi amnyama. +
3 Inqola yesithathu yayidonswa amahhashi amhlophe, inqola yesine idonswa amahhashi amabhadubhadu namibalabala. +
4 Ngabuza ingelosi eyayikhuluma nami ngathi: “Kuyini lokhu, nkosi yami?”
5 Ingelosi yangiphendula yathi: “Lena yimimoya emine + yamazulu ephumayo ekade imi phambi kweNkosi yomhlaba wonke. +
6 Leyo* enamahhashi amnyama iyaphuma iya ezweni lasenyakatho; + amhlophe ayaphuma aya ngaphesheya kolwandle; amabhadubhadu ayaphuma aya ezweni laseningizimu.
7 Amibalabala ayezimisele ukuphuma azulazule emhlabeni.” Khona-ke yathi: “Hambani, nizulazule emhlabeni.” Aqala ukuzulazula emhlabeni.
8 Yangimemeza yathi: “Bheka, lawo aya ezweni lasenyakatho abangele ukuba umoya kaJehova uhlale ezweni lasenyakatho.”
9 Izwi likaJehova labuye lathi kimi:
10 “Thatha kuHelidayi, uThobiya nakuJedaya izinto ababuye nazo kubantu abadingisiwe; ngalolo suku kumelwe uye endlini kaJosiya indodana kaZefaniya kanye nalaba bantu abavela eBhabhiloni.
11 Kufanele uthathe isiliva negolide wenze umqhele* uwubeke ekhanda likaJoshuwa + umpristi ophakeme, indodana kaJehozadaki.
12 Uthi kuye,“ ‘Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo: “Nangu umuntu ogama lakhe linguHlumela. + Uyohluma esendaweni yakhe futhi uyokwakha ithempeli likaJehova. +
13 Nguye oyokwakha ithempeli likaJehova, futhi nguye oyothola isithunzi. Uyohlala esihlalweni sakhe sobukhosi abuse, aphinde abe ngumpristi esihlalweni sakhe sobukhosi, + uyoziphatha zombili lezi zikhundla ukuze kube nokuthula.*
14 Umqhele* uyoba yisikhumbuzo kuHelemu, uThobija, uJedaya + noHeni indodana kaZefaniya, ethempelini likaJehova.
15 Labo abakude bayofika babambe iqhaza ekwakhiweni kwethempeli likaJehova.” Nina niyokwazi ukuthi uJehova wamabutho ungithumile kini. Lezi zinto zizokwenzeka—uma nakanjani niyolilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wenu.’ ”
Imibhalo yaphansi
^ Okuwukuthi, inqola.
^ Noma, “umqhele omuhle.”
^ Okuwukuthi, phakathi kwendima yakhe yokuba yinkosi neyokuba umpristi.
^ Noma, “Umqhele omuhle.”