INCWAJANA YOMHLANGANO WOKUPHILA NENKONZO Agasti 2018
Ongase Uxoxe Ngakho
Izingxoxo eziphathelene nokuba usizo kweBhayibheli namuhla.
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
Bonisa Ukuthi Uyabonga
Labo abafisa ukujabulisa uKristu bakweleta bonke abantu uthando nokwazisa, kungakhathaliseki ukuthi bavela kuliphi izwe, abaluphi uhlanga nokuthi bakuyiphi inkolo.
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Khumbula UmkaLoti
Singakugwema kanjani ukulahlekelwa umusa kaNkulunkulu njengomkaLoti? Kuthiwani uma sesibona ukuthi izinto esinazo seziqala ukusiphazamisa ekwenzeni izinto ezizosisondeza kuJehova?
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
Funda Emfanekisweni Womina Abayishumi
Emfanekisweni kaJesu womina abayishumi, yini emelela inkosi, izinceku nemali?
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukusebenzisa I-JW.ORG
Zonke izincwadi eziseBhokisini Lethu Lamathuluzi Okufundisa zikuthumela ku-jw.org. Uma sikwazi ukusebenzisa le webusayithi, singaphumelela nakakhulu enkonzweni yethu.
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Ukukhululwa Kwenu Kuyasondela”
Maduze uJesu uzofika njengoMbhubhisi noMkhululi. Kumelwe sisondelane nakakhulu noJehova ukuze siqiniseke ukuthi sizokhululwa.
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
Kulungele Ukuthethelela Abanye
Ukuze uJehova neNdodana yakhe bathole isizathu sokubonisa umusa, babhekisisa noma yikuphi ukushintsha kwenhliziyo kubantu abanesono.
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
UJesu Wamfela Nomfowenu
UJesu wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yabantu abanesono. Singababonisa kanjani uthando olufana nolukaKristu abafowethu nodadewethu abanesono njengathi?