UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukusebenzisa I-JW.ORG
OKWENZA KUBALULEKE: Zonke izincwadi eziseBhokisini lethu Lamathuluzi Okufundisa zikuthumela ku-jw.org. Empeleni, injongo yeKhadi Lemininingwane Ye-JW.ORG nepheshana elithi Singazitholaphi Izimpendulo Zemibuzo Ebalulekile Ekuphileni? iwukuqondisa abantu kuwebusayithi yethu. Ungasebenzisa i-jw.org ukuze uhambise izincwadi eziseBhokisini lethu Lamathuluzi Okufundisa ngokuzithumela nge-email noma nge-link. Lokhu kungaba usizo ikakhulukazi lapho ushumayela kumuntu okhuluma olunye ulimi. Ngaphezu kwalokho, abantu bangase babuze imibuzo ephendulwa izincwadi ezingekho eBhokisini lethu Lamathuluzi Okufundisa. Uma sikwazi ukusebenzisa le webusayithi, singaphumelela nakakhulu enkonzweni yethu.
INDLELA YOKUKWENZA:
-
Chofoza lapho kuthi “IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI”. Ake sithi ushumayeza umzali ofisa ukuthola okwengeziwe mayelana nokukhulisa izingane. Sebenzisa ingxenye ethi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > UMSHADO NOMNDENI.
-
Chofoza igama elithi “IZINCWADI”. Ake sithi uxoxa nofunda naye esikoleni futhi ufisa ukumbonisa incwajana ethi Izimpendulo Zemibuzo Eyishumi Ebuzwa Yintsha. Sebenzisa ingxenye ethi IZINCWADI > IZINCWADI NEZINCWAJANA.
-
Chofoza lapho kuthi “MAYELANA NATHI”. Ake sithi uxoxa nomuntu osebenza naye ofisa ukufunda incazelo emfushane mayelana nezinkolelo zethu. Sebenzisa ingxenye ethi MAYELANA NATHI > IMIBUZO EVAME UKUBUZWA NGOFAKAZI BAKAJEHOVA.
BUKELA IVIDIYO ETHI UKUSEBENZISA I-JW.ORG, BESE UCABANGA UKUTHI UNGAKUTHOLA KUPHI KUWEBUSAYITHI OKUNGASIZA:
-
umuntu ongakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona
-
umuntu osanda kwehlelwa into ebuhlungu
-
umfowethu noma udadewethu opholile
-
umuntu esibuyele kuye ofisa ukwazi indlela umsebenzi wethu osekelwa ngayo ngezimali
-
umuntu wakwelinye izwe ofuna ukuya emhlanganweni endaweni yakubo