Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

UJesu Wamfela Nomfowenu

UJesu Wamfela Nomfowenu

UJesu wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yabantu abanesono. (Ro 5:8) Akungabazeki ukuthi ngabanye siyambonga uJesu ngokunikela ngokuphila kwakhe ngenxa yethu ukuze abonise ukuthi uyasithanda. Noma kunjalo, ngezinye izikhathi kudingeka sizikhumbuze ukuthi uKristu wamfela nomfowethu. Singababonisa kanjani uthando olufana nolukaKristu abafowethu nodadewethu abanesono njengathi? Cabangela nazi izindlela ezintathu. Okokuqala, singandisa abangane esinabo ukuze sikwazi ukuba nabangane abanesizinda esihlukile kunesethu. (Ro 15:7; 2Ko 6:12, 13) Okwesibili, singase sigade ukuba singasho noma senze izinto ezingabaphatha kabi abanye. (Ro 14:13-15) Okokugcina, uma umuntu esiphatha kabi, singamthethelela ngokushesha. (Luka 17:3, 4; 23:34) Uma sizama ngempela ukulingisa uJesu ngalezi zindlela, uJehova uzoqhubeka ebusisa ibandla ngokuthula nangobunye.

BUKELA IVIDIYO ETHI YIBA MUHLE NAKAKHULU! BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:

  • Ekuqaleni, uMiki wayezizwa kanjani ngebandla ayekulo?

  • Yini eyashintsha indlela ayezizwa ngayo?

  • Isibonelo sikaJesu samsiza kanjani uMiki washintsha indlela abheka ngayo izinto? (Mar 14:38)

  • IzAga 19:11 zingasisiza kanjani ukuba sibheke amanye amaKristu ngendlela efanele?