Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | JOBE 21-27

UJobe Wamelana Nokucabanga Okungalungile

UJobe Wamelana Nokucabanga Okungalungile

USathane usebenzisa amanga ukuze adikibalise izinceku zikaJehova namuhla. Phawula umahluko phakathi kwamanga kaSathane nemizwa yangempela kaJehova encwadini kaJobe. Bhala amanye amavesi akubonisa ukuthi uJehova uyakukhathalela.

AMANGA KASATHANE

INDLELA UJEHOVA AZIZWA NGAYO NGEMPELA

UNkulunkulu ulukhuni kangangokuthi akukho lutho olwenziwa izinceku zakhe alubona luluhle. Ayikho indalo engamjabulisa (Jobe 4:18; 25:5)

UJehova uyayazisa imizamo esiyenzayo (Jobe 36:5)

Umuntu akanto yalutho kuNkulunkulu (Jobe 22:2)

UJehova uyayamukela futhi ayibusise inkonzo yethu yokwethembeka (Jobe 33:26; 36:11)

UNkulunkulu akanandaba nokuthi ulungile (Jobe 22:3)

UJehova uyabaqapha abalungile (Jobe 36:7)