April 25–May 1
JOBE 33-37
INgoma 50 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (3 imiz. noma ngaphansi)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Umngane Weqiniso Unikeza Iseluleko Esakhayo”: (10 imiz.)
Jobe 33:1-5—U-Elihu wamhlonipha uJobe (w95 2/15 29 ¶3-5)
Jobe 33:6, 7—U-Elihu wayethobekile futhi enomusa (w95 2/15 29 ¶3-5)
Jobe 33:24, 25—U-Elihu wamkhuthaza uJobe ngisho nalapho emeluleka (w11 4/1 23 ¶3; w09 4/15 4 ¶8)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (8 imiz.)
Jobe 33:24, 25—Kungenzeka kwakuyisiphi “isihlengo” u-Elihu ayekhuluma ngaso? (w11 4/1 23 ¶3-5)
Jobe 34:36—UJobe wavivinywa kwaze kwafinyelela kuliphi izinga, futhi lokho kusifundisani? (w94 11/15 17 ¶10)
Ukufundwa kweBhayibheli kwaleli sonto kungifundisani ngoJehova?
Yimaphi amaphuzu asekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto engingawasebenzisa enkonzweni yasensimini?
Ukufundwa KweBhayibheli: Jobe 33:1-25 (4 imiz. noma ngaphansi)
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Ekuhambeleni Kokuqala: Hambisa isimemo somhlangano wesifunda ka-2016 usebenzisa intshumayelo esikiselwe. (2 imiz. noma ngaphansi)
Empindelweni: fg isifundo 12 ¶4-5—Makube nomboniso wendlela yokwenza impindelo kumuntu owamukele isimemo somhlangano. Beka isisekelo sempindelo elandelayo. (4 imiz. noma ngaphansi)
Esifundweni SeBhayibheli: jl isifundo 11—Khuthaza umfundi ukuba abe khona emhlanganweni wesifunda ozayo. (6 imiz. noma ngaphansi)
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“Izikhumbuzo ZoMhlangano Wesifunda”: (8 imiz.) Inkulumo. Dlala i-video ethi Izikhumbuzo ZoMhlangano Wesifunda (Ngena ku-tv.pr418.com/zu, kwesithi I-VIDEO ETHANDWAYO > IMISEBENZI YETHU.) Bakhuthaze bonke ukuba benze amalungiselelo okugcina okuba khona zontathu izinsuku. Chaza ngamalungiselelo ebandla omkhankaso wokuhambisa isimemo.
Izidingo zebandla: (7 imiz.)
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: ia isahl. 14 ¶1-13 (30 imiz.)
Ukubukeza Okulandelwa Amabal’ engwe Angesonto Elizayo (3 imiz.)
INgoma 21 Nomthandazo