Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | JOBE 33-37

Umngane Weqiniso Unikeza Iseluleko Esakhayo

Umngane Weqiniso Unikeza Iseluleko Esakhayo

Lapho u-Elihu engenela engxoxweni, iseluleko sakhe sasihluke ngokuphelele kwesika-Elifazi, uBhilidadi noZofari, ngalokho akusho nangendlela amphatha ngayo uJobe. Wazibonakalisa engumngane weqiniso nomeluleki ophumelelayo, ofanelwe ukulingiswa.

IZIMFANELO ZOMELULEKI OPHUMELELAYO

U-ELIHU WABEKA ISIBONELO ESIHLE

32:4-7, 11, 12; 33:1

 

  • UYABEKEZELA

  • UYANAKISISA

  • UYAHLONIPHA

 
  • U-Elihu walinda amadoda amadala ngesineke ukuba aqede ukukhuluma ngaphambi kokuba akhulume

  • Ngokulalelisisa, wayiqonda kangcono indaba ngaphambi kokunikeza iseluleko

  • Wambiza ngegama uJobe futhi wakhuluma naye njengomngane

 

33:6, 7, 32

 

  • UTHOBEKILE

  • UYANGENEKA

  • UNOZWELA

 
  • U-Elihu wayethobekile futhi enomusa, wavuma ukungapheleli kwakhe

  • Wayezwelana noJobe owayelusizi

 

33:24, 25; 35:2, 5

 

  • UYALINGANISELA

  • UNOMUSA

  • UNOMBONO KANKULUNKULU

 
  • U-Elihu wambonisa ngomusa uJobe ukuthi umbono wakhe wawungenakulinganisela

  • U-Elihu wasiza uJobe wabona ukuthi ukulunga kwakhe uJobe kwakungeyona into ebaluleke kakhulu

  • Iseluleko sika-Elihu esinengqondo salungiselela uJobe esinye iseluleko esivela kuJehova uqobo