Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Izikhumbuzo ZoMhlangano Wesifunda

Izikhumbuzo ZoMhlangano Wesifunda

Njengakwezinye izikhathi, sifuna ukuqondiswa uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane ngenkathi yomhlangano. (Math 22:37-39) Eyoku-1 Korinte 13:4-8 ichaza uthando: “Uthando luyabekezela futhi lunomusa. . . . Aluziphathi ngokuhlazisayo, aluzifuneli izinzuzo zalo siqu, alucasuki. . . . Uthando alusoze lwaphela nanini.” Njengoba ubukela i-video ethi Izikhumbuzo ZoMhlangano Wesifunda, cabanga ngezindlela ongabonisa ngazo abanye uthando emhlanganweni.

SINGALUBONISA KANJANI UTHANDO LAPHO . . . 

  • sibeka izindawo zokuhlala?

  • sekuzoqala umculo owandulela isimiso?

  • sisezindaweni esilala kuzo edolobheni lomhlangano?

  • sivolontiyela ukusiza?