Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI

Umkhankaso Wokuhambisa Isimemo SoMhlangano Wesifunda

Umkhankaso Wokuhambisa Isimemo SoMhlangano Wesifunda

Unyaka ngamunye, kuba nesasasa ngedili elingokomoya esilithola emihlanganweni yethu yesifunda. Ukuze nabanye abaningi banambithe ubuhle bukaJehova, sizomema abaningi ngangokunokwenzeka ukuba babe nathi. (IHu 34:8) Indikimba yabadala ngayinye izonquma indlela engcono kakhulu izimemo ezizohanjiswa ngayo.

IMINININGWANE OKUMELWE IKHUNJULWE

  • Unini umhlangano wethu?

  • Uqala nini umkhankaso ebandleni lethu?

  • Inini imihlangano yenkonzo yasensimini ebandleni lethu?

  • Iyini imigomo yami kulo mkhankaso?

  • Ubani engihlela ukummema?

YINI OZOYISHO?

Ngemva kokubingelela ngendlela evamile, ungase uthi:

“Sisemkhankasweni womhlaba wonke wokumemela abantu esenzakalweni esibaluleke kakhulu. Usuku, isikhathi nendawo esizoba kuyo kubhaliwe kulesi simemo. Singakujabulela ukuba nawe.”

UNGASIHLAKULELA KANJANI ISITHAKAZELO?

Nakuba sifuna ukumema abantu abaningi ngangokunokwenzeka, kufanele siphaphamele amathuba okuhlakulela noma isiphi isithakazelo esisitholayo.

Ngezimpelasonto, kungahanjiswa umagazini kanye nesimemo.