Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Isici Esisha Sokuqala Izingxoxo

Isici Esisha Sokuqala Izingxoxo

Kusukela ngo-January 2016, ikhasi elingemuva le-Nqabayokulinda yomphakathi linesici esithi “Lithini IBhayibheli?” Lesi sici esisha siklanyelwe ukusisiza siqale izingxoxo ngezihloko zeBhayibheli. Indlela esenziwe ngayo ifana nendlela okwenziwe ngayo amapheshana ethu. Kunombuzo ofuna umbono womuntu kulandele impendulo yeBhayibheli namaphuzu anezelayo engxoxo.

Izingxoxo ezimnandi ezisekelwe emiBhalweni zivame ukuholela ezifundweni zeBhayibheli. Sebenzisa lesi sici esisha ukuze usize abaningi banelise isidingo sabo esingokomoya.—Math 5:6.

INDLELA YOKUSEBENZISA LESI SICI:

  1. Buza umninikhaya akucabangayo ngomunye wemibuzo

  2. Lalela futhi uncome impendulo yakhe

  3. Funda umBhalo ongaphansi kwesihlokwana esithi “Lokho Okushiwo IBhayibheli,” bese umcela asho akucabangayo ngalelo vesi. Uma enesikhathi, qhubekani nengxoxo, usebenzisa iphuzu elingaphansi kwesithi “Yini Enye Esingayifunda EBhayibhelini?”

  4. Hambisa umagazini

  5. Hlela ukubuya nizoxoxa ngombuzo wesibili