Bamukela udade osebuyile eHholo LoMbuso

INCWAJANA YOMHLANGANO WOKUPHILA NENKONZO Ephreli 2017

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Izintshumayelo ezisikiselwe ze-Phaphama! nezokufundisa iqiniso ngoMbuso kaNkulunkulu. Zisebenzisele ukuzenzela ezakho izintshumayelo.

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

Vumela UJehova Alolonge Ukucabanga Nokuziphatha Kwakho

UMbumbi Omkhulu ubumba izimfanelo zethu ezingokomoya, kodwa nathi kumelwe senze ingxenye yethu.

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Bamukele Ngemfudumalo

Noma ubani oza emihlanganweni yethu kufanele alubone futhi aluzwe uthando lobuKristu. Ungayandisa kanjani imfudumalo nothando eHholo LoMbuso?

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

Ingabe ‘Unenhliziyo Yokwazi’ UJehova?

Esahlukweni 24 sikaJeremiya uJehova uNkulunkulu wafanisa abantu namakhiwane. Obani ababenjengamakhiwane amahle futhi singabalingisa kanjani namuhla?

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ungamkhuthaza UmKristu Opholile

Abapholile balokhu beyigugu kuJehova uNkulunkulu. Singabasiza kanjani babuyele ebandleni?

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

Yiba Nesibindi NjengoJeremiya

UJeremiya waprofetha ngokuthi iJerusalema lalizoba incithakalo. Wakwazi kanjani ukuqhubeka enesibindi?

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Izingoma ZoMbuso Ziyakhuthaza

Ukucula izingoma zoMbuso kwaqinisa amaKristu ekamu lokuhlushwa eSachsenhausen. Lezi zingoma zingasikhuthaza lapho sibhekene novivinyo.

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

UJehova Wabikezela Ngesivumelwano Esisha

Isivumelwano esisha sihluke kanjani esivumelwaneni soMthetho futhi siyozuzisa kanjani phakade?