Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Izingoma ZoMbuso Ziyakhuthaza

Izingoma ZoMbuso Ziyakhuthaza

UPawulu noSila babedumisa uNkulunkulu ngezingoma lapho besejele. (IzE 16:25) Osukwini lwethu, lapho abafowethu besekamu lokuhlushwa eSachsenhausen eJalimane lobuNazi nalapho bedingiselwe eSiberia, babecula izingoma zoMbuso. Lezi zibonelo zibonisa indlela izingoma ezingawakhuthaza ngayo amaKristu abhekene novivinyo.

Maduze, nezinye izilimi zizoba nalo iculo elisha elinesihloko esithi “Sing Out Joyfully” to Jehovah. Lapho sesilitholile, singakwazi ukubamba amazwi alo ngekhanda ngokuprakthiza izingoma phakathi nokukhulekela komkhaya. (Efe 5:19) Umoya ongcwele uyobe ususisiza sizikhumbule lapho sibhekana novivinyo. Izingoma zoMbuso zingasisiza sigxile ethembeni lethu. Zingasikhuthaza lapho sibhekene novivinyo. Lapho sizizwa sijabule, amazwi azo akhuthazayo angasenza ‘sikhamuluke ngenjabulo’ ngenxa yesimo esihle senhliziyo yethu. (1Kro 15:16; IHu 33:1-3) Masizisebenzise ngokugcwele izingoma zethu zoMbuso!

BUKELA I-VIDEO ETHI INGOMA EYASHUKUMISA IZISEBENZI BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:

  • Iziphi izimo ezaholela uMfoweth’ uFrost ukuba aqambe ingoma?

  • Le ngoma yabakhuthaza kanjani abafowethu ekamu lokuhlushwa eSachsenhausen?

  • Izingoma zoMbuso zingakuqinisa kuziphi izimo zansuku zonke?

  • Iziphi izingoma zoMbuso ongathanda ukuzibamba ngekhanda?