Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Bamukele Ngemfudumalo

Bamukele Ngemfudumalo

Wamukele obani ngemfudumalo? Noma ubani oza emihlanganweni yethu yobuKristu—abaqalayo ukufika nalabo esabagcina kudala. (Ro 15:7; Heb 13:2) Kungaba umKristu ovela kwelinye izwe noma umKristu opholile oseneminyaka engezi emihlanganweni. Cabanga ukuthi ubungazizwa kanjani ukube bekunguwe lowo. Ubungeke yini ukujabulele ukubingelelwa ngemfudumalo? (Math 7:12) Kunganjani-ke wenze umzamo omkhudlwana wokuhambahamba eHholo LoMbuso ubingelele abanye ngaphambi nangemva komhlangano? Lokhu kwenza kube nemfudumalo nothando futhi kudumisa uJehova. (Math 5:16) Yiqiniso, cishe ngeke ukwazi ukuxoxa nawo wonke umuntu okhona. Nokho, wonke umuntu uyozizwa esekhaya uma sonke senza ingxenye yethu. *

Umoya wokwamukela izihambi oqotho siwubonisa ngazo zonke izikhathi, hhayi ngezenzakalo ezikhethekile kuphela njengeSikhumbuzo. Lapho abaqalayo ukufika bezibonela uthando lobuKristu, bangase bashukumiseleke ukudumisa uNkulunkulu futhi bazihlanganise nathi ekumkhonzeni. —Joh 13:35.

^ isig. 3 Ngenxa yezimiso zeBhayibheli, asizihlanganisi nalabo abasusiwe ekuhlanganyeleni noma abazihlukanisile abangase beze emihlanganweni.—1Ko 5:11; 2Joh 10.