Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Izintshumayelo Ezisikiselwe

PHAPHAMA!

Umbuzo: Kuma-movie nasezinhlelweni ze-TV namuhla kuvame ukuba nezinto ezinjengabenzi bemilingo, abathakathi nabantu abamunca igazi labantu. Ucabangani? Ingabe konke lokhu kumane kuwukuzijabulisa okungalimazi, noma kunezingozi ezicashile?

Okuzohanjiswa: Le Phaphama! ixoxa ngezizathu ezenza abantu bathande ukwazi ngezinto ezingavamile nangokuthi zigqugquzelwa ubani ngempela.

FUNDISA IQINISO

Umbuzo: UMbuso kaNkulunkulu uzozixazulula kanjani izinkinga zalo mhlaba?

UmBhalo: Math 6:10

Iqiniso: UMbuso kaNkulunkulu uzoletha ukuthula nokulondeka emhlabeni—njengoba nje usukulethile kakade ezulwini.

UYINI UMBUSO KANKULUNKULU? (Impindelo)

Umbuzo: [Qokomisa umbuzo wokuqhubekisela phambili ingxoxo osekugcineni kwepheshana.] Kuyoba njani ukuphila lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu?

ImiBhalo: IHu 37:29; Isaya 65:21-23

Okuzohanjiswa: [Mbonise incwajana ethi Izindaba Ezinhle.] Isifundo 7 sale ncwajana sixoxa ngendlela esingazuza ngayo kulezi zithembiso. [Qala isifundo seBhayibheli usebenzisa le ncwajana.]

ZAKHELE EYAKHO INTSHUMAYELO

Sebenzisa indlela okuhlelwe ngayo izibonelo ezandulele ukuze uzakhele eyakho intshumayelo yenkonzo yasensimini.