August 1-7
AMAHUBO 87-91
INgoma 49 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (3 imiz. noma ngaphansi)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“Hlala Endaweni Esithekile YoPhezukonke”: (10 imiz.)
IHu 91:1, 2—“Endaweni esithekile” kaJehova sithola isivikelo esingokomoya (w10 2/15 26-27 ¶10-11)
IHu 91:3—USathane uzama ukusibamba njengomcuphi wezinyoni (w07 10/1 26-30 ¶1-18)
IHu 91:9-14—UJehova uyisiphephelo sethu (w10 1/15 10-11 ¶13-14; w01 11/15 19-20 ¶13-19)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (8 imiz.)
IHu 89:34-37—Yisiphi isivumelwano la mavesi abhekisela kuso, futhi uJehova wakufanekisela kanjani ukuthembeka kwaso? (w14 10/15 10 ¶14; w07 7/15 32 ¶3-4)
IHu 90:10, 12—“Singazibala kanjani izinsuku zethu” ukuze sizuze “inhliziyo enokuhlakanipha”? (w06 7/15 13 ¶4; w01 11/15 13 ¶19)
Ukufundwa kweBhayibheli kwaleli sonto kungifundisani ngoJehova?
Yimaphi amaphuzu asekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto engingawasebenzisa enkonzweni yasensimini?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) IHu 90:1-17
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Lungiselela Izintshumayelo Zale Nyanga: (15 imiz.) Ingxoxo. Dlala i-video ngayinye yentshumayelo esikiselwe, bese nixoxa ngokuvelele kuyo. Khuthaza abamemezeli ukuba bazakhele eyabo intshumayelo.
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Izidingo zebandla: (5 imiz.)
“Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukusiza Esifunda Nabo IBhayibheli Ukuba Bathuthukele Ekuzinikezeleni Nasobhapathizweni”: (10 imiz.) Ingxoxo. Xoxa nommemezeli owake wasiza othile ukuba athuthukele ekuzinikezeleni nasobhapathizweni, usebenzisa imibuzo elandelayo: Yimiphi imizamo owayenza ukuze wenze ukuba ofunda naye ahlakulele uthando lwakhe ngoJehova? Wamsiza kanjani ofunda naye ukuba afinyelele imigomo engokomoya?
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) ia isahl. 21 ¶1-12
Ukubukeza Okulandelwa Amabal’ engwe Angesonto Elizayo (3 imiz.)
INgoma 137 Nomthandazo