Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUTHUTHUKISA AMAKHONO ETHU ENKONZWENI

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukusiza Esifunda Nabo IBhayibheli Ukuba Bathuthukele Ekuzinikezeleni NasoBhapathizweni

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukusiza Esifunda Nabo IBhayibheli Ukuba Bathuthukele Ekuzinikezeleni NasoBhapathizweni

OKWENZA KUBALULEKE: Abafundelwa iBhayibheli kumelwe bazinikezele futhi babhapathizwe ukuze bamukelwe nguJehova. (1Pet 3:21) Labo abaphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwabo, babe sebethola isivikelo esingokomoya. (IHu 91:1, 2) Ukuzinikezela kobuKristu kusho ukuzinikezela kuJehova—hhayi kumuntu, emsebenzini noma enhlanganweni. Ngakho abafundelwayo kudingeka bathuthukise uthando nokwazisa ngoNkulunkulu.—Roma 14:7, 8.

INDLELA YOKUKWENZA:

  • Phakathi nesifundo, xoxani ngokuthi lokho enikufundayo kwembulani ngoJehova. Gcizelela ukubaluleka kokufunda iBhayibheli nsuku zonke nokuthandaza ‘ngokungaphezi’ kuJehova.—1Thes 5:17; Jak 4:8

  • Khuthaza umfundi ukuba enze ukuzinikezela nokubhapathizwa kube yimigomo yakhe engokomoya. Msize nangokuba afinyelele imigomo emincane enjengokuphendula emihlanganweni noma ukufakaza komakhelwane nakulabo asebenza nabo. Khumbula ukuthi uJehova akaphoqi muntu ukuba amkhonze. Ukuzinikezela kuyisinqumo somuntu siqu.—Dut 30:19, 20

  • Khuthaza umfundi ukuba enze ushintsho oludingekayo ukuze akwazi ukujabulisa uJehova, akufanelekele nokubhapathizwa. (IzA 27:11) Kungenzeka kunezici nemikhuba ethile egxilile kumfundi, angase adinge usizo oluqhubekayo ukuze akwazi ukulahla ubuntu obudala agqoke obusha. (Efe 4: 22- 24) Fundani ndawonye izihloko ezitholakala ochungechungweni lwe-Nqabayokulinda oluthi, “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila”

  • Xoxa naye ngenjabulo osuke wayithola ekukhonzeni uJehova.—Isaya 48: 17, 18