Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Umkhankaso Okhethekile Wokuhambisa INqabayokulinda Ngo-September

Umkhankaso Okhethekile Wokuhambisa INqabayokulinda Ngo-September

Emhlabeni wonke abantu bayayidinga induduzo. (UmSh 4:1) Kuyo yonke inyanga ka-September, sizokwenza umzamo okhethekile wokuhambisa INqabayokulinda ezobe inesihloko senduduzo. Lo magazini kumelwe usakazwe kabanzi. Nokho, ngenxa yokuthi sinesifiso sokukhuluma nabantu ngokuqondile ukuze sibaduduze, angeke sibashiye omagazini bethu emakhaya angenabantu.

ONGAKUSHO

“Sonke siyayidinga induduzo ngezinye izikhathi. Kodwa singayitholaphi? [Funda eyesi-2 Korinte 1:3, 4.] Le Nqabayokulinda ikhuluma ngendlela uNkulunkulu anikeza ngayo induduzo.”

Uma umuntu ebonisa isithakazelo futhi ewamukela umagazini, . . .

MBONISE I-VIDEO ETHI KUNGANI KUFANELE UTADISHE IBHAYIBHELI?

Ngemva kwalokho ucele isifundo seBhayibheli.

BEKA ISISEKELO SEMPINDELO

Phakamisa umbuzo ozowuphendula lapho ubuyela, onjengalo othi, “Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka?