Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Izintshumayelo Ezisikiselwe

PHAPHAMA!

Umbuzo: Iningi lethu lifuna ukuba yimiqemane. Ucabanga ukuthi yisiphi isinyathelo esingasithatha ukuze sihlale siyimiqemane?

UmBhalo: IzA 22:3

Okuzohanjiswa: Le Phaphama! ikhuluma ngezinyathelo esingazithatha ukuze siqaphe futhi sinciphise amathuba okuthola izifo.

FUNDISA IQINISO

Umbuzo: Ingabe ukuhlupheka kwethu kubangelwa nguNkulunkulu noma ezinye izinto?

UmBhalo: Jobe 34:10

Iqiniso: UNkulunkulu akayona imbangela yokuhlupheka kwethu. Kunalokho, ukuhlupheka kubangelwa uDeveli, ngabantu abenza izinqumo ezimbi futhi ngezinye izikhathi kubangelwa ukuba sendaweni engafanele ngesikhathi esingafanele. Lapho sihlupheka, uNkulunkulu usuke ekulungele ukusisiza. Uyasikhathalela ngempela.

KUNGANI KUFANELE UTADISHE IBHAYIBHELI? (I-Video)

Umbuzo: Ucabanga ukuthi nguNkulunkulu olawula izwe? [Lindela impendulo.] Lokho okushiwo yiBhayibheli kungakumangaza. Le video emfushane iyachaza. [Dlala i-video.]

Okuzohanjiswa: Isahluko 11 sale ncwadi siyachaza ukuthi kungani uNkulunkulu evumele ukuhlupheka nokuthi yini azimisele ukuyenza ngakho. [Mnike incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli.]

ZAKHELE EYAKHO INTSHUMAYELO

Sebenzisa indlela okuhlelwe ngayo izibonelo ezandulele ukuze uzakhele eyakho intshumayelo yenkonzo yasensimini.