UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“Nangu Mina! Thuma Mina”
Umoya ka-Isaya ovumayo ufanelwe ukulingiswa. Wabonisa ukholo futhi wasabela ngokushesha ukuya lapho kwakunesidingo khona, nakuba kwakukuncane ayekwazi. (Isaya 6:8) Ungazihlela yini izimo zakho ukuze ukwazi ukuyokhonza lapho isidingo sisikhulu khona sabamemezeli boMbuso? (IHu 110:3) Yiqiniso, kubalulekile ‘ukubala izindleko’ lapho sihlela ukwenza kanjalo. (Luka 14:27, 28) Nokho, zimisele ukuzidela ngenxa yomsebenzi wokushumayela. (Math 8:20; Mar 10:28-30) Njengoba kuboniswe kuyi-video ethi Ukuyokhonza Lapho Indingeko Inkulu Khona, izibusiso esizithola enkonzweni kaJehova zikudlula kude noma yikuphi ukuzidela esikwenzayo.
NGEMVA KOKUBUKELA I-VIDEO, PHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
-
Yiziphi izinto amalungu omndeni wakwaWilliams azidela ukuze ayokhonza e-Ecuador?
-
Yiziphi izinto ababecabanga ngazo ngesikhathi bekhetha indawo ababezokhonza kuyo?
-
Yiziphi izibusiso abazithola?
-
Ungakuthola kuphi ukwaziswa okwengeziwe mayelana nokukhonza lapho isidingo sisikhulu khona?
PHAKATHI NOKUKHULEKELA KOMKHAYA OKULANDELAYO, XOXANI NGALE MIBUZO ELANDELAYO:
-
Singayandisa kanjani inkonzo yethu njengomndeni? (km 8/11 4-6)
-
Uma singeke sikwazi ukuya kokhonza lapho isidingo sisikhulu khona, yiziphi izindlela esingasiza ngazo ebandleni langakithi? (w16.03 3-5)