Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Imfundo Evela KuNkulunkulu Inqoba Ubandlululo

Imfundo Evela KuNkulunkulu Inqoba Ubandlululo

UJehova akakhethi. (IzE 10:34, 35) Wamukela abantu ‘abaphuma kuzo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi.’ (IsAm 7:9) Ngakho, ubandlululo noma ukukhetha akwamukeleki nhlobo ebandleni lobuKristu. (Jak 2:1-4) Ngenxa yokufundiswa uNkulunkulu, sinepharadesi elingokomoya esiye sabona kulo abantu beshintsha ubuntu babo. (Isaya 11:6-9) Njengoba sizikhandla ukuze sisiphule yonke iminonjana yobandlululo ezinhliziyweni zethu, siyabonisa ukuthi silingisa uNkulunkulu.—Efe 5:1, 2.

BUKANI I-VIDEO ETHI UJOHNY NOGIDEON: BABEYIZITHA, MANJE SEBEYEZWANA. NINGABE SENIPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:

  • Kungani imfundo evela kuNkulunkulu iphakeme kakhulu kunemizamo yabantu yokuqeda ukucwasana nokubandlululana?

  • Yini ekuhlaba umxhwele ngokuba nabafowethu emhlabeni wonke?

  • Ukhazinyuliswa kanjani uJehova lapho silondoloza ubunye bobuKristu?