Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | ISAYA 11-16

Ulwazi NgoJehova Luyogcwala Umhlaba

Ulwazi NgoJehova Luyogcwala Umhlaba

Indlela lesi siprofetho esasisebenza ngayo kuma-Israyeli

  • Ama-Israyeli akuzange kudingeke esabe izilwane zasendle noma abantu abanjengezilwane lapho esuka ekudingisweni eBhabhiloni nalapho esesezweni lawo elakhiwe kabusha.​—Ezra 8:21, 22.

Indlela lesi siprofetho esisebenza ngayo osukwini lwethu

  • Ulwazi ngoJehova luye lwashintsha ubuntu babantu. Abantu ababenobudlova baye baba nokuthula. Ulwazi ngoNkulunkulu luye lwenza kwaba nepharadesi elingokomoya lomhlaba wonke

Indlela lesi siprofetho esiyogcwaliseka ngayo esikhathini esizayo

  • Umhlaba wonke uyoshintshwa ube ipharadesi elilondekile nelinokuthula ngokuvumelana nenjongo kaNkulunkulu yasekuqaleni. Akukho lutho oluyoba usongo, kungakhathaliseki ukuthi umuntu noma isilwane

UPawulu washintshwa ulwazi ngoNkulunkulu

  • Ngesikhathi esengumFarisi, wayenezimfanelo zobulwane.—1Thim 1:13.

  • Ulwazi olunembile lwabushintsha ubuntu bakhe.​—Kol 3:8-10.