Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukufinyelela Inhliziyo Ngethi “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukufinyelela Inhliziyo Ngethi “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”

OKWENZA KUBALULEKE: Abantu kumelwe bafunde ngezindinganiso zikaJehova futhi benze ngokuvumelana nazo ukuze bamkhonze ngendlela ayamukelayo. (Isaya 2:3, 4) Incwadi ethi “Othandweni LukaNkulunkulu”, okuyincwadi yesibili esiyisebenzisela ukuqhuba izifundo, isiza abafundi beBhayibheli ukuba baqonde indlela izimiso zikaNkulunkulu ezihlobana ngayo nokuphila kwansuku zonke. (Heb 5:14) Kumelwe sizame ukufinyelela inhliziyo yesifunda nabo iBhayibheli lapho sibafundisa ukuze bakhuthazeke ukuba benze ushintsho.​—Ro 6:17.

INDLELA YOKUKWENZA:

  • Lungiselela kahle, ucabange ngezidingo zomfundi. Yakha imibuzo ezomenza aveze umbono wakhe ezokusiza ukuba ubone lokho akucabangayo nangendlela azizwa ngayo ngalokho akufundayo.—IzA 20:5; be 259

  • Sebenzisa wonke amabhokisi asencwadini azosiza umfundi ukuba abone ukubaluleka kokusebenzisa izimiso zeBhayibheli

  • Siza umfundi ukuba acabangisise ngezinto ezithinta unembeza kodwa ungamenzeli izinqumo.—Gal 6:5

  • Ngobuhlakani thola ukuthi kukhona yini lapho umfundi edinga khona usizo ukuze asebenzise izimiso zeBhayibheli. Mkhuthaze ngendlela enomusa ukuba enze ushintsho olusekelwe endleleni amthanda ngayo uJehova.—IzA 27:11; Joh 14:31