Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzwen—Ukusiza Labo ‘Abathambekele Ngokufanele’ Ukuba Babe Abafundi

Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzwen—Ukusiza Labo ‘Abathambekele Ngokufanele’ Ukuba Babe Abafundi

KUNGANI KUBALULEKILE: UJehova wenza imbewu yeqiniso ukuba ikhule ezinhlizyweni zalabo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade.’ (IzE 13:48; 1Ko 3:7) Sisebenza kanye naye ngokugxila kulabo abakusebenzisayo lokho abakufundayo. (1Ko 9:26) Labo esifunda nabo iBhayibheli kudingeka baqonde ukuthi ubhapathizo lwamaKristu luyadingeka ukuze basindiswe. (1Pet 3:21) Sibasiza ukuba babe abafundi ngokubafundisa ukuba benze ushintsho ekuphileni kwabo, bashumayele, bafundise futhi banikezele ukuphila kwabo kuJehova.—Math 28:19, 20.

INDLELA YOKUKWENZA:

  • Khumbuza ofunda nabo iBhayibheli ukuthi injongo yesifundo ukubasiza bazi uJehova futhi bamjabulise.—Joh 17:3

  • Basize bathuthukise ubungane babo noJehova futhi bakwazi ukunqoba izinkinga, ezinjengemikhuba emibi nokuzihlanganisa nabantu abangabazisayo.

  • Baqinise futhi ubakhuthaze ngaphambi nangemva kokubhapathizwa.—IzE 14:22

BUKELA IVIDIYO ETHI UJEHOVA UNKULUNKULU UZOKUSIZA BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:

  • Yikuphi ukwesaba okungavimbela umuntu ukuba azinikezele futhi abhapathizwe?

  • Abadala bangabasiza kanjani abantu abafundelwa iBhayibheli ukuba bathuthukise ubuhlobo babo noJehova?

  • U-Isaya 41:10 usifundisani ngoJehova?

  • Iziphi izimfanelo ezingasisiza sikhonze uJehova ngendlela ayamukelayo ngisho noma sinesono?

Sisebenza kanjani noJehova ekwenzeni abantu ukuba babe abafundi?