Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Culela UJehova Ngenjabulo

Culela UJehova Ngenjabulo

UPawulu noSila badumisa uJehova ngezingoma ngesikhathi beboshiwe. (IzE 16:25) Akungabazeki ukuthi ukucula kwabo kwabanika amandla okukhuthazela. Kuthiwani ngathi namuhla? Izingoma zokudumisa nezingoma eziqanjiwe, zingasikhuthaza futhi zisisize sihlale sithembekile lapho sivivinywa. Ngaphezu kwalokho, zidumisa uJehova. (IHu 28:7) Siye sakhuthazwa ukuba sibambe ngekhanda amagama okungenani ezingoma ezithile. Usuke wazama yini ukukwenza lokho? Singaprakthiza izingoma futhi sifunde amagama azo phakathi nokukhulekela komkhaya.

BUKELA IVIDIYO ETHI IZINGANE ZIDUMISA UJEHOVA NGEZINGOMA BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:

  • Kungaba namuphi umphumela omuhle kithi ukucula izingoma zoMbuso?

  • Umnyango we-Audio/Video ukulungiselela kanjani ukuqopha abantu abaculayo?

  • Izingane nemindeni bakulungiselela kanjani ukuyoqopha?

  • Iziphi izingoma zoMbuso ozithandayo futhi kungani?